Zizovela enkantolo izisebenzi (13) zikaMasipala weTheku ezitelekile 

280

THANDOLUHLE NGUBO

KULINDELEKE ukuba zivele kusasa eNkantolo yeMantshi yaseThekwini izisebenzi eziwu-13 ezisolwa ngokuba yingxenye yombhikisho wezisebenzi zikaMasipala weTheku, oqale mhla ka-27 kuNhlolanja (February). Kubikwa ukuthi laba babhikishi baboshwe emuva kokuphula umnyalelo wenkantolo – owaphuma ngoLwesithathu olwedlule – owanquma ukuthi isiteleka salezi zisebenzi kasikho emthethweni futhi zingabonakali zibhikisha noma ziphazamisa ukusebenza enkabeni yaleli dolobha. Kuthiwa baboshwe ngesikhathi bevale amahhovisi kamasipala abhekelele ukuqoqwa kukadoti, befuna kuphume izisebenzi ebezingaphakathi. Lesi siteleka sasuka emuva kokuba izisebenzi ezingaphansi kweSouth African Municipal Workers’ Union (Samwu) zivuke umbhejazane zavala imigwaqo yeTheku ngokusaphaza udoti, wukushisa imigqomo kadoti bayivala ngezimoto zikwamasipala. 

Lezi zisebenzi zikhala ngokuholelwa amakinati, zifuna amaholo azo alingane nawozakwabo bakwabanye omasipala bamadolobha amakhulu, okubalwa kuwo iTswane ne-Ekurhuleni. Lesi siteleka sesidale umonakalo omkhulu kwingqalasizinda yeTheku njengoba kubikwa ukuthi kunezindawo ezinqanyulelwa amapayipi amanzi nezintambo zikagesi. 

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uLt Col Nqobile Gwala, ukuqinisekisile ukuboshwa kwalaba abawu-13. “Amaphoyisa ase-Sydenham abophe ababhikishi abawu-13 abaneminyaka ephakathi kuka-39 no-59. Babhekene necala lokudelela umyalelo wenkantolo, wukucekela phansi ingqalasizinda nokulimaza impahla,” kusho uGwala.

*Khonamanjalo, uMasipala weTheku ngokubambisana noNdunankulu waKwaZulu-Natal, uNkk Nomusa Dube-Ncube, babe nesigcawu nabezindaba izolo ngoMsombuluko, beyomemezela imizamo yabo yokubuyisa uzinzo kuleli dolobha. Phakathi kwayo; wukugadwa ngamaphoyisa nonogada abazimele kwezisebenzi ezizohlanza imigwaqo, ezilungisa amanzi nogesi neziqoqa udoti. Bathi bazosebenzisana noMnyango wezokuBusa ngokuBambisana nezoMdabu, ozohlinzeka lo masipala ngethimba elizolekelela ekusheshisweni kophenyo lokuqondiswa kobugwegwe kulabo abathintekayo nokwethulwa kwethimba elizocubungula izithombemyakazo (videos) zabacekela phansi ingqalasizinda nabaxhaphaza izimoto zikahulumeni.

Previous articleKugcine kumenele owodumo kwiChiefs
Next articleIngebhe kubulawa othisha (3) nabazali babo