Ilanga News
Home 9 Featured Main 9 Amaphoyisa athele othulini abalisa abane ‘abayingozi’ eMlazi

Amaphoyisa athele othulini abalisa abane ‘abayingozi’ eMlazi

by | 9 April 2025


LIBASHONELE ilanga abalisa abane okuthiwa bebethathwa ngokuthi bayingozi, ngesikhathi bethelwa othulini ngamaphoyisa izolo, ngoLwesibili, ebusuku.


Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Robert Netshiunda, uthi amaphoyisa athole umkhondo wokuthi laba balisa bazulazula ngemoto ngakwenye inxanxathela yezitolo eMlazi.

Uthi ngesikhathi amaphoyisa elandela imoto, ebebehamba ngayo, bawadubulile, nawo aphindisela. Uthi imoto lena amaphoyisa ayilandele baze befika emgwaqeni onguthelawayeka, baqala badubula babhekisa kuwona amaphoyisa.

Ngokwemibiko, kalikho iphoyisa elilimele noma elibulelwe. Laba balisa kuthiwa bebefunelwa amacala amathathu okubulala enzeka eNanda ngoNdasa (March) nangoMbasa (April).

Kwesinye isigameko, amaphoyisa afuna abantu abathathu abaphuma babaleka emotweni kuMthiyane Avenue eLamontville. Imoto abebehamba ngayo ngeSonto, yamiswa ngamaphoyisa eyisola. Le moto amaphoyisa athi uma eyipequlula, athola ukuthi inezimpahla zokugqoka ezintsha eziningi ezazintshontshiwe.
menzi.jele@ilanganews.co.za

Ezisematheni

Iphoyisa libulale abesifazane abawu 3 lazibulala nalo

Iphoyisa libulale abesifazane abawu 3 lazibulala nalo

KUBULAWE abesifazane abathathu kwathi owesilisa walimala kanzima izolo ebusuku. Lesi sigameko senzeke endaweni yobumnandi eMlanjeni Lifestyle,eNqopheni eMtubatuba. Kakucaci ukuthi umsolwa ubangeni nalaba kodwa kuvela ukuthi omunye wabo ubeyintombi yakhe. Umsolwa...

ABENGATHITWA AMABHIZINISI ABAKULELI KWIMASHI ETHEKWINI

ABENGATHITWA AMABHIZINISI ABAKULELI KWIMASHI ETHEKWINI

Thokozani Ndlovu noThandoluhle Ngubo AYANDA amalungu omphakathi amasha eThekwini ngenhloso yokuxosha abokufika abakuleli njengoba sebehlukene bemaqembu maningi. Yize amaphoyisa andisiwe ukuze alawule isimo kodwa ayahluleka ukufinyelela zonke izindawo.  Lokhu...

Uzobuyela enkantolo osolwa ngokubulala ingane

Uzobuyela enkantolo osolwa ngokubulala ingane

UZOBUYELA ngoMsombuluko eNkantolo yeMantshi yase-Atteridgeville, eGoli, unkosikazi kamfundisi (24), osolwa ngokubulala ingane enezinyanga ezine, ezalwa owesifazane odlwengulwe washiywa ehlathini wumfundisi (umyeni kamsolwa) osagcwele amathafa. Lo wesifazane uvele...