Ilanga News
Home 9 Featured Main 9 Amaphoyisa athele othulini abalisa abane ‘abayingozi’ eMlazi

Amaphoyisa athele othulini abalisa abane ‘abayingozi’ eMlazi

by | 9 April 2025


LIBASHONELE ilanga abalisa abane okuthiwa bebethathwa ngokuthi bayingozi, ngesikhathi bethelwa othulini ngamaphoyisa izolo, ngoLwesibili, ebusuku.


Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Robert Netshiunda, uthi amaphoyisa athole umkhondo wokuthi laba balisa bazulazula ngemoto ngakwenye inxanxathela yezitolo eMlazi.

Uthi ngesikhathi amaphoyisa elandela imoto, ebebehamba ngayo, bawadubulile, nawo aphindisela. Uthi imoto lena amaphoyisa ayilandele baze befika emgwaqeni onguthelawayeka, baqala badubula babhekisa kuwona amaphoyisa.

Ngokwemibiko, kalikho iphoyisa elilimele noma elibulelwe. Laba balisa kuthiwa bebefunelwa amacala amathathu okubulala enzeka eNanda ngoNdasa (March) nangoMbasa (April).

Kwesinye isigameko, amaphoyisa afuna abantu abathathu abaphuma babaleka emotweni kuMthiyane Avenue eLamontville. Imoto abebehamba ngayo ngeSonto, yamiswa ngamaphoyisa eyisola. Le moto amaphoyisa athi uma eyipequlula, athola ukuthi inezimpahla zokugqoka ezintsha eziningi ezazintshontshiwe.
menzi.jele@ilanganews.co.za

Ezisematheni

URadebe uzofakaza egameni le-ANC kwelokufa lukaLuthuli

URadebe uzofakaza egameni le-ANC kwelokufa lukaLuthuli

KULINDELEKE ukuthi kufakaze i-ANC ecaleni eliqhubekayo lokuphenya ngokufa kweNkosi Albert Luthuli eNkantolo ePhakeme yaseMgungundlovu. UMnu Jeff Radebe ohola ithimba elichitshiyeliwe KwaZulu Natal kulindele afakaze egameni le-ANC ngoLwesibili mhla ka-22 kuNdasa...

Kugxekwe uShivhambu iMK Party yaziqhelelanisa naye

Kugxekwe uShivhambu iMK Party yaziqhelelanisa naye

UMNYANGO wezobuLungiswa eNingizimu Afrika ugxeke uNobhala Jikelele we-MK Party uMnu Floyd Shivhambu ngokuvakashela ibandla likaMfu Shepherd Bushiri i-Enlightened Christian Gathering eMalawi. UShivhambu uhambele kuleli bandla ukuzoba yingxenye yenkonzo yalo yePhasika....

Kuboshwe 10 ngokushayela bedle amponjwana eKZN

Kuboshwe 10 ngokushayela bedle amponjwana eKZN

KUBOSHWE abantu abangaphezulu kweyishumi ngokushayela bedle amanzi amponjwana kule mpelasonto yePhasika esifundazweni KwaZulu Natal. Kule mpelasonto ezokuphepha emgwaqweni yesifundazweni ibiqinisiwe ngenhloso yokunqanda izingozi ezinyantisayo ezingenzeka njengoba...