Ilanga News
Home 9 Izindaba 9 Ungqongqoshe umise umqondisi-jikelele kowezempilo

Ungqongqoshe umise umqondisi-jikelele kowezempilo

by | 15 March 2026

NGUNGQONGQOSHE wezeMpilo kuzwelonke, uDkt Aaron Motsoaledi.

UNGQONGQOSHE wezeMpilo, uDkt Aaron Motsoaledi, umise izikhulu zalo mnyango ezintathu, ngokuthinteka kwazo ezinsolweni zokukhwabanisa nokweba ngokukhishwa kwethenda yenani lika-R1 million.

Ngokubika kweTimesLive, kuvele ukuthi uMqondisi-Jikelele walo mnyango, umiswe okwesikhashana kuze kube lolu phenyo lufinyelela esiphethweni, noma inkontileka yakhe iphelelwa yisikhathi. Kuvela ukuthi ukumiswa kukaDkt Sandile Buthelezi, kuqhamuka ngemuva kokuba yena nozakwabo kulo mnyango, uMnu Malixole Mahlathi noMnu Phineas Mamogale, bevele enkantolo yamacala  emali, ePretoria.

I-TimesLive iveze ukuthi uMotsoaledi uthe ufuna ukubona umthetho uthatha indawo yawo. Uthe bonke abathintekayo kulobu bugebengu, sebetsheliwe ngokusemthethweni ngokumiswa kwabo.

Ungqongqoshe ube esememezela uMnu Nicolas Crisp njengebamba loMqondisi-Jikelele isikhathi esingangezinyanga ezintathu. Ngemuva kokuvela enkantolo, lezi zikhulu zithole ibheyili ka-R10 000 umuntu ngamunye, icala lazo lahlehlela umhla ka-3 kuNhlangulana (June) kophezulu.

UMotsoaledi ube esenikeza ithemba kuzona zonke izinhlaka ezithintekayo, ngokuthi umnyango uzoqhubeka nokusebenza ngokufanele, ngaphandle kokuphazamiseka.

Ezisematheni

Umkhuleko ubuyise ithemba ngokhetho kuNdunankulu wase-KZN

Umkhuleko ubuyise ithemba ngokhetho kuNdunankulu wase-KZN

UNDUNANKULU waKwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli uthe ukhiye okhethweni olunokuthula nolukhululekile, kuzoba ukukhula kwezombangazwe nokubekezelelana kumaqembu epolitiki. UNtuli ubekhuluma emkhulekweni, lapho  bekuthandazelwa  ukubulawa kosopolitiki...

Bazibophezele okhethweni olunokuthula KwaDukuza

Bazibophezele okhethweni olunokuthula KwaDukuza

AZIBOPHEZELE ukuqinisekisa ukhetho olungachemile futhi olunokuthula amaqembu azobanga izikhundla zobukhansela kuMasipala waKwaDukuza, okhethweni lohulumeni basekhaya olungoLwesithathu oluzayo lomhla ka-4 kuLwezi (November). Lokhu kwenziwe esigcawini...