
YIZE izinguquko ezimenyezelwe nguMkhulumeli weqembu iMK Party, uMnu Sifiso Mahlangu, ngoLwesibili, zishiye abanye abantu bevungama, abahlaziyi bakuhlaziya ngezindlela ezahlukene okwenzekile.
Abantu abebethathwa njengezinsika zeqembu, uMnu Nathi Nhleko (obengusihlalo kazwelonke), uDkt John Hlophe (obeyiphini lokuqala likamengameli), noNkz Nomusa Dlamini (beyiphini likanobhala-jikelele) badiliziwe ezikhundleni zabo. Ezikhundleni zabo kufakwe uMnu Duduzani Zuma, oyindodana kaMengameli weqembu, uMnu Jacob Zuma, onikwe isikhundla sokuba yiPhini lokuqala likaMengameli.
UHlophe, odilizwe kulesi sikhundla, kuthiwe usazoqhubeka abe ngumholi weqembu ePhalamende. UNkz Lindiwe Mtshali, nguyena osezokuba yiPhini likaNobhala-Jikelele, kanti ungene esikhundleni ebesiphethwe nguNkz Dlamini. UMnu Willies Mchunu kuthiwa uzoba nguMeluleki kaMengameli weqembu, futhi aqhubeke nokuba ngumholi walo KwaZulu-Natal.
Umhlaziyi ozinze e-University of KwaZulu-Natal (UKZN) uMnu Zakhele Ndlovu uthi ngendlela okwenzeka ngayo selokhu iMK Party isunguliwe, sekucacile ukuthi kayikaze ibe yiqembu lepolitiki, kodwa “iyi- xhiba” likaMengameli Jacob Zuma.
“UMsholozi, akafihlile ukuthi kukhala isicathulo sakhe kwiMK Party, yena yedwa futhi, hhayi abanye abaholi. Ukwenza lokhu ngoba azi ukuthi abantu abakwiMK Party, kabanandaba nepolitiki, kodwa balandela yena. Uma ungasusa uZuma kwiMK Party, kuphelile ngayo.
“Abantu abajoyina iMK Party ngababengamalungu e-ANC, beza kuyo ngoba bethi bajezisa uKhongolose, hhayi ngoba babeyiqonda ipolitiki, abanye baya kuyo ngoba beseka uZuma. Iva lifike lahlaba lephukela kulokhu, ngoba uZuma useqoke indodana yakhe uDuduzani, esikhundleni esisemqoka, ekubeni ingenawo amagalelo aziwayo kwezombusazwe.
“Abantu abeseka iMK Party, nabafuna ukuyivotela ngoba kuyiwa okhethweni lohulumeni baseKhaya, badidekile, abanye bayesaba ukuphumela obala. UZuma lento ayenzayo wayifunda kuwo uKhongolose, ngesikhathi i-ANC imkhukhumeza, ngoba ifuna ukuthatha iKZN, eNkatheni,” kuhlaziya uNdlovu.
USolwazi Bheki Mngomezulu, waseNelson Mandela Bay University, uthi kuningi abantu abangakwazi, kodwa okwaziwa ngabasebuholini beMK Party, njengoba beshintshana kanjena ezikhundleni.
“Abantu mabakhumbule ukuthi uZuma usemgumholi wesikhashana weMK Party, ngoba akukayiwa engqungqutheleni yokukhetha ubuholi. Uma iqembu lisanda kusungulwa, liyaba nezinkinga nezinselelo ngoba kukhona abantu abasuke beyele izikhundla, abanye basuke benezinhloso ezithile.
“UMnu Floyd Shivambu, esehamba kwiMK Party, wathi ufunde lukhulu kuZuma, ukwedlula i-EFF, ayekade eyilungu layo iminyaka eyevile eshumini. Abantu abangekho ebuholini beqembu, bangabona ukuthi alukho uzinzo, kodwa abasebuholini, bayazazi izinselelo ababhekene nazo, okuyizona abazama ukuzilungisa.
“Into ebingenzeka, bekufanele bababhekisise laba baholi, bangabaxoshi, bese kuthi ngemuva kokhetho, babathathele izinyathelo, bakhonjwe indlela,” kuchaza uMngomezulu.
Ngempelasonto kuphume umbiko iqembu elithe lisawucubungula othi kwiMK Party, “kukwampunz’ edlemini”, imali iyaxhashazwa. UNdlovu, uthi kuyishwa ukuthi kwenzeka lokhu nje, kwiMK Party, amanye amaqembu, aphansi phezulu ayakhankasa, agaya amavoti, njengoba sekusele izinyanga ezintathu, kuyiwe okhethweni lohulumeni baseKhaya.







