Ilanga News
Home 9 Featured 9 Imeya ikhuthaza ukuzakha nokuzenzela kubantu

Imeya ikhuthaza ukuzakha nokuzenzela kubantu

by | 26 November 2025

IMeya yaseKing Cetshwayo, uMnu Skhumbuzo Dlamini, inxuse izakhamizi ukuba zibuyele emuva kusadliwa ngoludala, lapho khona abantu babengalindi ukukhangezwa, kodwa babe-sebenzisa lokho abanakho ukuze baziphilise.

UDlamini ubethula inkulumo yosuku emcimbini wokwethulwa kohlahlomali luka-2025/26 obubanjelwe enkundleni yezemidlalo iDonda, eNtambanana, eMpangeni, ngaphansi kukaMasipala uMfolozi, oyingane yowesiFunda iKing Cetshwayo. Umasipala waseMfolozi uholwa nguMnu Xolani Bhengu ngethikithi le-IFP.

Ethula inkulumo yakhe uDlamini, ukhuthaze abantu besilisa ukuba basike iphethini kwabesifazane, bakhuthalele ukufaka izicelo zoxhaso lukahulumeni. Kulo mcimbi kumenyezelwe iningi labesifazane abahlomule ngezinsizakusebenza emabhizinisini abo asafufusa.

“Namuhla sizokwethula izinsiza kusebenza ebantwini besifazane abaziphilisa ngokwenza imisebenzi eyahlukene emakhaya nasemiphakathini abahlala kuyona. Nginxusa namadoda ukuba asukume, afake izicelo ngoba akulula ukuthi abaphethe usizo beze ebantwini, kodwa ngabadinga usizo okufanele baqale indaba.

“Isifiso sami esikhulu ngesokuba kubuyelwe ezikhathini ezedlule lapho khona abantu babekwazi ukuzakhela umnotho ngalokho abanakho emakhaya abo. Kuningi esikubeke eqhulwini okufanele sikwenzele umphakathi esiwuholayo. Udaba lwamanzi nokuhanjiswa kwezidingo zomphakathi, yikhona esikubeke phambili ngoba sinenkolelo yokuthi abantu kufanele bahlinzekwe ngezidingo,” kuchaza uDlamini.

UBhengu ukhale ngokwanda kwezibalo zabantu abadlula emhlabeni ngenxa yodlame lwezobulili. Uthe lena yimpi okufanele wonke umuntu abhekane nayo.

“Eminyakeni eyedlule uMntwana waKwaPhindangene, iNkosi uMangosuthu Buthelezi, wasixwayisa ngenkinga engase idaleke ngenxa yodlame lokuhlukumezana kwabantu egameni lothando. Ngaleyo minyaka sasisayibukela kude le nkinga, namuhla sibhekene nayo lapha ezindaweni zasemakhaya. Ngiyafisa ukuba ngikusho ukuthi umkhandlu waseMfolozi uyaqhubeka nokufaka ingqalasizinda ezindaweni ezahlukene okubalwa kuyona nokuvulwa kwemigwaqo engenela emakhaya,” kuphetha uBhengu.

Ezisematheni

Imindeni iveze usizi ihlomula ngemizi KwaNongoma

Imindeni iveze usizi ihlomula ngemizi KwaNongoma

IVEZE usizi olunzima ebikade ibhekene nalo imindeni yaKwaNongoma eHlalankosi ehlomule ngemizi namhlanje ngoLwesihlanu emuva kokuhlala isikhathi eside 'emafukwini' ngenxa yokukhahlanyezwa izikhukhula. Kuhlomule imindeni ewu-10 ngemizi iyakhelwa uMnyango wezokuBusa...

Ubonge uMkhwanazi kuhoxiswa amacala

Ubonge uMkhwanazi kuhoxiswa amacala

UBONGE uKhomishana wamaPhoyisa waKwaZulu Natal uLt Nhlanhla Mkhwanazi, uBrigadier Dineo Mokwele, ngemuva kokuhoxiswa kwamacala abebhekene nawo nabanye abebesolwa nabo okukhona kubona neNhloko yoPhiko lwezobuNhloli emaphoyiseni General Dumisani Khumalo. UMokwele...

I-ANC ivulela ilungu leDA icala ngezinsolo ezithinta uR4 billion

I-ANC ivulela ilungu leDA icala ngezinsolo ezithinta uR4 billion

I-ANC ihlela ukuvulela ilungu le-DA ePhalamende uMnu Mark Burke nenkampani emataniswa nayo iKastelo icala ngemuva kokusabalala kwezinsolo ezithinta izigidigidi zamarandi. USotswebhu we-ANC ePhalamende uMnu Mdumiseni Ntuli kubikwa ukuthi uthe inhloso yokuvula leli cala...