Ilanga News
Home 9 Ezemidlalo 9 Ulandelwa ngamashwa okulimala umdlali weChiefs

Ulandelwa ngamashwa okulimala umdlali weChiefs

by | 25 November 2024

SENZO SOKHELA

EZIMBI ekhempini yeKaizer Chiefs kulimala uNkosingiphile Ngcobo obeseza kahle obekade evele ebuya ekulimaleni.

IChiefs izobhekana neRichards Bay koweBetway Premiership ngoLwesithathu ngo-19h30 ePeter Mokaba Stadium, ePolokwane.

IChiefs igqemeke ingozi njengoba uNgcobo – odlala esiswini engase angawudlali lo mdlalo ngenxa yokulimala.

UNgcobo ulimala nje, ubenesikhashana ebuye ekulimaleni obese kumuhlalise isikhathi eside engadlali.

Izindaba zokulimala kukaNgcobo ziqinisekiswe ngumqeqeshi wale kilabhu uNasreddine Nabi ngesikhathi ekhuluma nabezindaba namuhla ngoMsombuluko eNaturena.

Ezisematheni

Izothuthukisa umnotho nezokuvakasha inxanxathela yezitolo

Izothuthukisa umnotho nezokuvakasha inxanxathela yezitolo

KUBHEKWE ukuthi ithuthukise umnotho iphinde yakhe namathuba emisebenzi inxanxathela yezitolo nehhotela okulindeleke ukuthi iqale ukwakhiwa edolobheniiHarrismith elincikene nezifundazwe ezintathu okuyiGauteng, KwaZulu Natal neFree State. Le nxanxathela izohlanganisa...

Ugabe ngesipiliyoni sebhizinisi ongenele ukhetho

Ugabe ngesipiliyoni sebhizinisi ongenele ukhetho

UGABE ngesipiliyoni sokuthuthukisa umphakathi nokuba ngusomabhizinisi ovelele uMnu Roy Moodley oneqembu elikhankasela ukhetho lohulumeni basekhaya ezindaweni ezahlukene KwaZulu Natal i-African Movement Congress. UMoodley engxoxweni neLANGA uveze ukuthi isipiliyoni...

UHlabisa nesicelo emakhosini asendlunkulu

UHlabisa nesicelo emakhosini asendlunkulu

UNGQONGQOSHE wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu (COGTA), kuZwelonke, uMnu Velenkosini Hlabisa, usenxuse amakhosi ukuthi avikele izinhlelo zentuthuko, ezilethwa nguhulumeni emiphakathini, ukuthi zingacekelwa phansi. Ubekhuluma ngoLwesithathu, ngesikhathi...