Ilanga News
Home 9 Ezemidlalo 9 Ulandelwa ngamashwa okulimala umdlali weChiefs

Ulandelwa ngamashwa okulimala umdlali weChiefs

by | 25 November 2024

SENZO SOKHELA

EZIMBI ekhempini yeKaizer Chiefs kulimala uNkosingiphile Ngcobo obeseza kahle obekade evele ebuya ekulimaleni.

IChiefs izobhekana neRichards Bay koweBetway Premiership ngoLwesithathu ngo-19h30 ePeter Mokaba Stadium, ePolokwane.

IChiefs igqemeke ingozi njengoba uNgcobo – odlala esiswini engase angawudlali lo mdlalo ngenxa yokulimala.

UNgcobo ulimala nje, ubenesikhashana ebuye ekulimaleni obese kumuhlalise isikhathi eside engadlali.

Izindaba zokulimala kukaNgcobo ziqinisekiswe ngumqeqeshi wale kilabhu uNasreddine Nabi ngesikhathi ekhuluma nabezindaba namuhla ngoMsombuluko eNaturena.

Ezisematheni

Ungafa nokufa uma udembesela ukuphuza amanzi

Ungafa nokufa uma udembesela ukuphuza amanzi

LETHWESE ihlobo! Seliqalile ukukhipha umkhovu etsheni ezindaweni eziningi. Namuhla kule ngosi sizobheka ubungozi bokungabi nawo amanzi enele emzimbeni (dehydration), okuyinto evama kakhulu esikhathini sasehlobo ngenxa yokushisa. Ngokwendalo, ongoti bathi uma ingane...

Isawuphonsa umbalane iNkosi uShinga

Isawuphonsa umbalane iNkosi uShinga

IYELULAMA iNkosi uSifiso kaBhekamadoda Shinga (esesithombeni), enguSihlalo weNdlu yabaHoli boMdabu, KwaZulu-Natal. INkosi uShinga yaba sengozini yemoto ngomhla ka-24 kuNhlangulana (June), ngasesikhumulweni sezindiza esidala, eThekwini. Umshayeli wemoto, owayeshayelela...

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...