Ilanga News
Home 9 Featured 9 Izinyembezi kwethulwa izimoto kwabaphila nokukhubazeka

Izinyembezi kwethulwa izimoto kwabaphila nokukhubazeka

by | 25 March 2025

KWEHLE izinyembezi zenjabulo, ngesikhathi uMasipala weTheku, wethula izimoto ezizosetshenziswa yizisebenzi zawo eziphila nokukhubazeka. Zethulwe wuPhiko olubhekele iziNdaba zeziSebenzi (Human Capital Unit), kuMasipala weTheku, emahhovisini alolu phiko ngoLwesine emini. Lezi zimoto ezintsha ceke, ezimbili zazo zizoshayelwa yizisibenzi eziphila nokukhubazeka eyodwa ibekelwe ukubaqeqesha nokubafundisa ukushayela.


USihlalo weKomidi elibhekele iziNdaba zeziSebenzi eMkhandlwini weTheku, uKhansela uNkosenhle Madlala, uthe njengoba kugujwa usuku lwamaLungelo abaNtu (Human Rights Day), izisebenzi ezikhubazekile kuMasipala, bafune nazo zizizwe ukuthi zingabantu. Uthe ngesikhathi senqubo yobandlululo abantu abakhubazekile, babengashaywa ndiva, bethathiswa okwabantu abangekho.


“Ngo-1994 kube nentando yeningi, eNingizimu Afrika, ehambisana noSomqulu wamaLungelo abaNtu, (iBill of Rights). Akekho umuntu oqashwe nguMasipala wethu ozozibona engabalulekle noma ecwaswa ngenxa yokuthi ukhubazekile. UMthetho olawula izisebenzi uthi ezindaweni zokusebenza, abantu abakhubazekile kufanele babe ngu-3%, kodwa thina lapha kuMasipala weThekwini, sifuna ukusenyusa isibalo. Babalelwa ku 276, abasebenzi abakhubazekile abaqashwe kuMasipala weTheku, silwela ukuthi nabo bangasaleli emuva ngenxa yesimo sabo sempilo,” esho.


UNkz uZanele Sithole, ohamba nesihlalo esinamasondo, uthi uyiMenenja oPhikweni lwakwaGovernance Information System (GIS), uthi sekuzoba lula ukusebenza njengoba sekukhona lezi zimoto ngoba ungumshayeli ogunyaziwe onezincwadi.
“Umsebenzi wami udinga ukuthi ngiphume ngivakashele amadepho, ngiyohlola umsebenzi. Bekuphoqeleka ukuthi ngicele umuntu ozongihambisa kulezo zindawo ngoba izimoto zethu thina abakhubazekile bezingekho, ekubeni abanye bethu bekwazi ukushayela futhi sinezincwadi. Umsebenzi usuzoba lula. Siyabonga uMasipala ukhombise ukuba ngonakekelayo ngempela,” esho egcwele injabulo.


Izisebenzi ezizoshayela lezi zimoto, zizohlolwa kuqala ukuthi zikulungele yini ukushayela noma zinazo izincwadi eziguyazayo. Phakathi kokunye okutholwe nguMasipala okuzoba wusizo kwabakhuzekile, yizihlalo ezinamasondo, ezizosetshenziswa emabhhilidini uma kuvela izimo eziphumayo, uma kunemililo emabhilidini noma kuhamba egesi. UMnu uSbonelo Mseleku, ongomunye wabasebenzi abakhubazekile, uthe uma kunezimo eziphuthumayo, ebhilidini iShell House, asebenza kulo, bekudingeka ukuba babelethwe lokho kubehlisa isithunzi.
menzi.jele@ilanganews.co.za

Ezisematheni

URadebe uzofakaza egameni le-ANC kwelokufa lukaLuthuli

URadebe uzofakaza egameni le-ANC kwelokufa lukaLuthuli

KULINDELEKE ukuthi kufakaze i-ANC ecaleni eliqhubekayo lokuphenya ngokufa kweNkosi Albert Luthuli eNkantolo ePhakeme yaseMgungundlovu. UMnu Jeff Radebe ohola ithimba elichitshiyeliwe KwaZulu Natal kulindele afakaze egameni le-ANC ngoLwesibili mhla ka-22 kuNdasa...

Kugxekwe uShivhambu iMK Party yaziqhelelanisa naye

Kugxekwe uShivhambu iMK Party yaziqhelelanisa naye

UMNYANGO wezobuLungiswa eNingizimu Afrika ugxeke uNobhala Jikelele we-MK Party uMnu Floyd Shivhambu ngokuvakashela ibandla likaMfu Shepherd Bushiri i-Enlightened Christian Gathering eMalawi. UShivhambu uhambele kuleli bandla ukuzoba yingxenye yenkonzo yalo yePhasika....

Kuboshwe 10 ngokushayela bedle amponjwana eKZN

Kuboshwe 10 ngokushayela bedle amponjwana eKZN

KUBOSHWE abantu abangaphezulu kweyishumi ngokushayela bedle amanzi amponjwana kule mpelasonto yePhasika esifundazweni KwaZulu Natal. Kule mpelasonto ezokuphepha emgwaqweni yesifundazweni ibiqinisiwe ngenhloso yokunqanda izingozi ezinyantisayo ezingenzeka njengoba...