Ilanga News
Home 9 Ezemidlalo 9 Kunconywe ukuzinikela kubadlali be-Arrows bewashisa iChiefs ijezi

Kunconywe ukuzinikela kubadlali be-Arrows bewashisa iChiefs ijezi

by | 10 August 2026

KUVUKA amanxeba kumqeqeshi weSekhukhune United uCedric Kaze uma ecabanga umdlalo olandelayo wezakhe njengoba bezobhekana neKaizer Chiefs koweBetway Premiership ngoLwesithathu ngo-19h30 eFNB Stadium, eSoweto.

ISekhukhune iya kulo mdlalo nje, izibekisele indawo kwi-semi final yeMTN8 iguqisa ngo-4-3 esikhathini esengeziwe AmaZulu FC ngeSonto ntambama eChatsworth Stadium, eThekwini.

ISekhukhune itonyulwe ukubhekana ne-Orlando Pirates emlenzeni wokuqala ezowudlalela ekhaya.

Kuzokhumbuleka ukuthi uKaze nomlingani wakhe uKhalil Ben Youssef oselolonga iDurban City, bebengabaqeqeshi beChiefs ngesizini edlule.

Ngendlela abenze kahle ngayo befaka le kilabhu kwiTop 8 ebingasayazi, bebelindele ukuthi baqhubeke nokusebenza kwiChiefs.

Nokho iziMpofana zibakhombe indlela.

UKaze uthi lo mdlalo weChiefs umuvusela amanxeba.

“Lo mdlalo uza nemizwa eyehlukene kimina. IChiefs isiphathe ngokweqophelo eliphezulu kodwa indlela esihambe ngayo ingishiye nesilonda. Kodwa-ke kasikho lapho, lo mdlalo kufanele sifike kuwona sizilungiselele kahle. Emdlalweni wamaZulu sigcine sesiya esikhathini esengeziwe, wathatha wonke amandla kubadlali bami. Kuzofanele sizinike isikhathi esanele sokuphumula ukuze sifike kulo mdlalo weChiefs sisesimweni esihle.

“Sijabule ngokudlulela kwi-semi final kodwa kuzofanele siyolungisa emuva ngoba AmaZulu asiphenye izinqe, asenze sabona ukuthi kasibahle kahle.

Kuzofanele siye emdlalweni weChiefs sesiyilungisile le nto ngoba lo mdlalo uzoba lukhuni ngendlela eyisimanga,” kusho uKaze.

Isiyonke imidlalo yeBetway Premiership ephakathi nesonto iqhathwe kanje:
NGOLWESIBILI
EDobsonville Stadium: Chippa United vs Richards Bay 19h30.
ERoyal Bafokeng Stadium: Marumo Gallants vs
Kruger United 19h30.
ESeshego Stadium: Polokwane City vs Stellenbosch 19h30.
EMbombela Stadium: TS Galaxy vs Mamelodi Sundowns 19h30.
NGOLWESITHATHU
EKings Park Stadium: AmaZulu vs Orlando Pirates 19h30.
EChatsworth Stadium: Durban City vs Golden Arrows 19h30.
E-FNB Stadium: Kaizer Chiefs vs Sekhukhune United 19h30.
EMhlathuze Sports Complex: Milford vs Siwelele 19h30.

Ezisematheni

Ubonge uMkhwanazi kuhoxiswa amacala

Ubonge uMkhwanazi kuhoxiswa amacala

UBONGE uKhomishana wamaPhoyisa waKwaZulu Natal uLt Nhlanhla Mkhwanazi, uBrigadier Dineo Mokwele, ngemuva kokuhoxiswa kwamacala abebhekene nawo nabanye abebesolwa nabo okukhona kubona neNhloko yoPhiko lwezobuNhloli emaphoyiseni General Dumisani Khumalo. UMokwele...

I-ANC ivulela ilungu leDA icala ngezinsolo ezithinta uR4 billion

I-ANC ivulela ilungu leDA icala ngezinsolo ezithinta uR4 billion

I-ANC ihlela ukuvulela ilungu le-DA ePhalamende uMnu Mark Burke nenkampani emataniswa nayo iKastelo icala ngemuva kokusabalala kwezinsolo ezithinta izigidigidi zamarandi. USotswebhu we-ANC ePhalamende uMnu Mdumiseni Ntuli kubikwa ukuthi uthe inhloso yokuvula leli cala...

I-NPA ihoxisa akaKhumalo noMokwele ngokusemthethweni

I-NPA ihoxisa akaKhumalo noMokwele ngokusemthethweni

UPHIKO lwezokushushisa eNingizimu Afrika iNational Prosecuting Authority (NPA) kulindeleke ukuthi luhoxise ngokusemthethweni amacala abebhekene noLt Gen Dumisani Khumalo noBrigadier Dineo Mokwele nabanye abasolwa nabo. UKhumalo nabanye baboshwa ngoNhlangulana nyakenye...