Ilanga News
Home 9 Featured 9 UJenene Mkhwanazi usemenyezelwe ukuba yiNhloko yoKlebe

UJenene Mkhwanazi usemenyezelwe ukuba yiNhloko yoKlebe

by | 27 November 2026

UJENENE Nhlanhla Mkhwanazi usemenyezelwe ngokusemthethweni ukuthi useyiNhloko yoPhiko lwamaphoyisa iDirectorate for Priority Crime Investigation (DPCI) eyaziwa ngokuthi  oKlebe kuzwelonke. Isimemezelo siphume namuhla (ngoLwesihlanu).

Ukumenyezelwa kukaJenene Mkhwanazi kuza emva kokuba uNgqongqoshe wamaPhoyisa obambile, uSolwazi Firoz Cachalia evunyelwe yiKhabhinethi ukuthi aqoke yena kulesi sikhundla.

UMkhwanazi ungena emva kokuthatha umhlalaphansi kukaJenene Godfrey Lebeya obephethe lesi sikhundla. ULebeya uthathe umhlalaphansi nyakenye. Kusuka nyakenye lesi sikhundla besibanjwe wuJenene Sphesihle Nkosi. 

UMkhwanazi ubuyise ithemba kubantu baseNingizimu Afrika ngesikhathi ededela amabhomu kwisithangami sabezindaba ayesibizile, eveza inkohlakala eqhubeka emkhakheni wamaphoyisa. Emva kwalezi zindaba uMengameli Cyril Ramaphosa ubumbe iKhomishana kaMadlanga eyenza uphenyo ngale nkohlakalo okuthiwa isemaphoyiseni. Emva kokusungulwa kwayo sekuboshwe inqwaba yamaphoyisa athweswa amacala enkohlakalo kanti amanye anqatshelwe ngisho amabheyili njengoba egcinwe ezitokisini ejele.

Uphiko loKlebe aseluphethe uMkhwanazi lusungulwe phakathi kuka-2008 no-2009. Lwalukhipha uphiko lwamaphoyisa olwalubizwa ngokuthi amaScorpions.

tndlovu@ilanganews.co.za

Ezisematheni

Umbimbi lwe-MK Party ne-ANC kuMasipala weTheku

Umbimbi lwe-MK Party ne-ANC kuMasipala weTheku

ISITHOMBE NGU: THULI DLAMINI/ ETHEKWINI MUNICIPALITY KUHLANGANE i-MK Party ne-ANC ukwakha uhulumeni wobumbano kuMasipala weTheku ngesikhathi kuvotelwa izikhundla zobuholi namhlanje ngoLwesihlanu eDurban Exhibition Centre. La maqembu abelane ngezikhundla ezimqoka...

Ihlabane ngemiklomelo emibili i-AireChemistry

Ihlabane ngemiklomelo emibili i-AireChemistry

I-AireChemistry iwine izicoco zesifundazwe saKwaZulu-Natal nezikazwelonke kuMqhudelwano Kazwelonke Wokusungula Izixazululo Zobuchwepheshe Obuluhlaza (National Cleantech Innovation Challenge)Ithuluzi elakhiwe eNingizimu Afrika elikala i-methane, i-COâ‚‚ nothuli...

Sitheleka namuhla e-Eastern Cape isidumbu sikaDkt Mlambo Ngcuka

Sitheleka namuhla e-Eastern Cape isidumbu sikaDkt Mlambo Ngcuka

KULINDELEKE ukuthi isidumbu sowayeyisekela likaMengameli wezwe lokuqala lesifazane kuhulumeni wentando yeningi uDkt Phumzile Mlambo-Ngcuka (71), sitheleke namuhla (ngoLwesine) e-Eastern Cape lapho ezofihlelwa khona. UDkt Mlambo-Ngcuba ushone ngoLwesihlanu olwedlule....