Ilanga News
Home 9 Featured Main 9 AboZalo badidekile kumiswa ukuqopha

AboZalo badidekile kumiswa ukuqopha

by | 7 August 2025


LIYAQHUBEKA nokuba mnyama ikusasa lomdlalo kamabonakude Uzalo, okhonjiswa phakathi nezinsuku kuSABC 1. Lokhu kulandela ukuthi abalingisi nabasebenza ngemuva kulo mdlalo, bethole izincwadi ezibazisa ngokumisa kokuqoshwa kwalo mdlalo.

Umthombo weLANGA uveze ukuthi basale bedidekile ngempelasonto, bethunyelelwa izincwadi zibazisa ukuthi bangayi ukuyoqopha. Lo mthombo uthe okubadide kakhulu ngale ncwadi wukuthi lezi zindaba zifike besanda kuhola, futhi bahole bonke.

Bathi bebelindele ukuthi baqhubeke nokuqopha njengoba beneziqephu eziphambili abaziqophile, kodwa ezingakaveli kumabonakude.

“Imvamisa siqopha iziqephu eziphambili ngesikhathi esingangenyanga ukuze kungabi khona ukuphazamiseka emoyeni,” kusho lo mthombo.

Inkinga yokuma kungaqoshwa kulo mdlalo, ayiqali ukwenzeka njengoba izisebenzi zenkampani eqopha lo mdlalo, iStained Glass TV, zike zabeka phansi amathuluzi, zikhala ngokungaholi.

Phambilini le nkampani ibikhomba ngenjumbane i-SABC njengembangela yokungakwazi ukuholela abalingisi balo mdlalo. Kuyaqala ukuthi kube yiyona etshela izisebenzi zayo ukuthi zingayi emsebenzini, kuze kube ziyaziswa ukuthi zibuyela nini.

ILANGA liyibonile incwadi okuvela ukuthi ibhalwe yizikhulu zale nkampani, uGugu Zuma Ncube, uPepsi Pokane noTheo (esigcine singatholakalanga isibongo sakhe). Le ncwadi ithi isizathu sokumiswa kwezisebenzi yingenxa yezinkinga zemali.

“Sicela nazi ukuthi siyaxhumana neSABC ngenhloso yokuthi sifinyelele esixazululweni ngokushesha. Siyakuqonda ukuthi lokhu kunamuphi umthelela kinina, kodwa sizimisele futhi sizonazisa ngokuhamba kwesikhathi okuqhubekayo,” kusho incwadi.

Nakuba Uzalo lusahamba phambili ngababukeli kwaSABC, kodwa kubukeka lwehlelwa yisasasa njengoba nesibalo salo sesehle ngendlela emangalisayo uma kuqhathaniswa neminyaka eyedlule.

Kuzokhumbuleka ukuthi imithombo eyahlukene ike yakuveza ukuthi izikhulu zakwaSABC zike zavakashela lapho kuqoshwa khona lo mdlalo, ngenhloso yokunxenxa ukuba abalo mdlalo banyuse amasokisi.

Akukapheli nesikhathi esingakanani le nkampani yethule umdlalo omusha kumabonakude okhonjiswa khona kwaSABC 1, obizwa ngokuthi “Amalanga Awafani”, odlala phakathi nezinsuku seligamenxe ihora lesi sithupha.

Ethintwa okhulumela uzalo, uNomfundo Zondi, ucele intatheli ithumele imibuzo, wathi uzophendula lingakapheli usuku lwayizolo ngoLwesithathu.

Kuze kwashaya isikhathi sokushicilela engayiphendulile imibuzo, nakuba ekuqinisekisile ukuthi unalo ulwazi ngalolu daba.

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...