Ilanga News
Home 9 Ezemidlalo 9 Lilengela eweni ikusasa likaMngqithi kwiSundowns

Lilengela eweni ikusasa likaMngqithi kwiSundowns

by | 28 November 2024

SENZO SOKHELA

LILENGELA eweni ikusasa likaManqoba “TV” Mngqithi (osesithombeni) ongumqeqeshi weMamelodi Sundowns njengoba kuvela ukuthi kunezikhulu zale kilabhu ezifuna ukuba akhonjwe indlela ngoba zikholwa wukuthi ngeke awenzele lutho amaSandawana.

IDowns iphoxe abalandeli bayo iguqiswa yiMagesi FC ngo-2-1 ko-wamanqamu weCarling Knockout ngoMgqibelo ebusuku eToyota Free State Stadium, eBloemfontein. 

Amagoli eMagesi ashaywe ngu-Tshepo Kakora noDelano Abrahams, kanti eleDowns – okuyiyona evule inkundla – libhakuziswe ngu-Iqraam Rayners.

ILANGA lihoshe nge-mithombo yalo engaphakathi kwiDowns ukuthi ikusasa lika-Mngqithi lilengela ewe-ni.

“Kunabathile aba-ngamufuni uMngqithi ngaphakathi kwi-Downs, naye uyakwazi lokho. Njengoba ehlulwe yiMagesi nje, basizakele, bathole into abazo-ma ngayo. Uqashwe azi kahle naye ukuthi kukhona abangakuthandi lokho, abebefuna kungene abantu babo.

Manqoba Mngqithi, Head coach of Mamelodi Sundowns reacts during the Betway Premiership 2024/25 match between Kaizer Chiefs and Mamelodi Sundowns at Soccer City in Johannesburg on 28 September 2024 ©Samuel Shivambu/BackpagePix

“Njengoba kwenzeke kanjena nje, ulindele noma yini. Phela bavele kabajabule nge-ndlela iDowns edlala ngayo, bathi uyidlalisa ibhola oku-ngelona elayo. Kodwa-ke naye uyehluleka wukubavala imi-lomo njengoba esehluleke wuku-nqoba izinkomishi ezimbili ngale sizini. Phela kwiDowns kufuneka izinkomishi, hhayi okunye.

“Engikuthandayo ngoMngqithi wukuthi yize azi enjalo ngabangamufuni, akanandaba. Wenza umsebenzi wakhe, aka-yingeni indaba yepolitiki yangaphakathi,” kusho umthombo.

UMngqithi ebuzwa ukuthi nga-be akesabi yini ngekusasa lomsebenzi wakhe njengoba isimo si-njena, uthe: “Ebholeni kufanele ulindele noma yini. 

“Uma ukhetha ukuba ngumqe-qeshi kufanele ukulindele ukuthi ngaso sonke isikhathi umsebenzi wakho usengcupheni. Zimpelasonto zonke kufanele sikhiqize, kasifani nezikhulu ezi-phezulu ezinkampanini ezethula umbiko ngokuphela konyaka, thi-na njengabaqeqeshi, sihlale si-bheka ukuthi sihamba kahle yini. 

“Kodwa-ke mina ngiyakholelwa ekutheni sihamba ngendlela efa-nele.”

Ezisematheni

Inkatha iqinisa abantu baseKZN idolo ngohulumeni wesifundazwe

Inkatha iqinisa abantu baseKZN idolo ngohulumeni wesifundazwe

NGUSOTSWEBHU uMkhulu weKhokhasi ye-IFP esiShayamthetho saKwaZulu-Natal, uMnu Blessed Gwala. UBUHOLI beNkatha Freedom Party (IFP) esiShayamthetho saKwaZulu-Natal buthi usazoqhubeka usebenze ngendlela uhulumeni wesifundazwe owakhiwe yinhlanganisela yamaqembu. I-IFP...

Liboshiwe isoka ebelishaya intombi

Liboshiwe isoka ebelishaya intombi

SELISEZIKHINDINI isoka lentokazi eveze izithombe enkundleni yezokuxhumana ikhala ngokungatholi ubulungiswa. Amaphoyisa akwaSAPS eKZN akhiphe isitatimende ecacisa ngodaba lukaNkz Snenhlanhla Nenezana Mthembu ofake izithombe zakhe kanye nezesoka lakhe elimshayayo athi...

Uyaqhubeka umsindo ngokwenzeka eVenezuela

Uyaqhubeka umsindo ngokwenzeka eVenezuela

I-AFRICAN National Congress (ANC), ithi ngeke ithule uma kukhona izwe elihlukumeza abantu abangenacala. Lokhu kulandela umsindo osuswe ukugasela kweMelika eVenezuela, ngoMgqibelo, yathumba uMengameli wakhona uMnu Nicolas Maduri, nomkakhe. UNobhala we-ANC, uMnu Fikile...