Ilanga News
Home 9 Ezemidlalo 9 Usekuphindile lokho umnikazi weChippa

Usekuphindile lokho umnikazi weChippa

by | 18 August 2025

INTATHELI YELANGA

USEPHINDE adume ngakho uSiviwe “Chippa” Mpengesi ongumnikazi weChippa United, njengoba kuvela ukuthi usekhombe indlela uSinethemba Badela obecija le kilabhu. 

Kuthiwa uMusa Nyatama olandwe ukuyoba ngumsizi kaBadela, nguyena ojimisa iChippa njengoba yenza amalungiselelo omdlalo weBetway Premiership neTS Galaxy okusasa ngoLwesibili eBuffalo City Stadium, e-East London ngo-19h30. 

KUSUKA kwesobunxele nguSinesipho Mali, nguChippa Mpengesi noSinethemba Badela.

Ngokuthola kweLANGA, uBadela uthuthe yonke imigodla yakhe, waphuma waphela kule kilabhu. 

Kubikwa ukuthi akaxoshelwanga imiphumela, kodwa kungenxa yokungashayisani noSinesipho Mali osanda kuqashwa njenge-sporting director kwiChippa.

UBadela ususwa kulesi sigqiki nje, ubesadlale imidlalo emibili nje kuphela. Kowokuqala ubumbabe neMamelodi Sundowns ngo-1-1, wehlulwa ngo-1-0 yiDurban City. Yomibili le midlalo bekungeyeligi.

Ezisematheni

Ungafa nokufa uma udembesela ukuphuza amanzi

Ungafa nokufa uma udembesela ukuphuza amanzi

LETHWESE ihlobo! Seliqalile ukukhipha umkhovu etsheni ezindaweni eziningi. Namuhla kule ngosi sizobheka ubungozi bokungabi nawo amanzi enele emzimbeni (dehydration), okuyinto evama kakhulu esikhathini sasehlobo ngenxa yokushisa. Ngokwendalo, ongoti bathi uma ingane...

Isawuphonsa umbalane iNkosi uShinga

Isawuphonsa umbalane iNkosi uShinga

IYELULAMA iNkosi uSifiso kaBhekamadoda Shinga (esesithombeni), enguSihlalo weNdlu yabaHoli boMdabu, KwaZulu-Natal. INkosi uShinga yaba sengozini yemoto ngomhla ka-24 kuNhlangulana (June), ngasesikhumulweni sezindiza esidala, eThekwini. Umshayeli wemoto, owayeshayelela...

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...