
SINGAPHANDLE ngebheyili ka-R10 000 isisebenzi soMnyango wezaseKhaya ngaphansi kwehhovisi lawo elise-Underberg esiyamaniswa noxhaxha lwamacala okukhwabanisa nenkohlakalo. UNkz Nozipho Mary Mungwe (44) uvele kafushane eNkantolo yeMantshi iHimeville, e-Underberg emuva kokuba eshaqwe ngamaphoyisa ophiko loKlebe.
Wethweswe icala lokwenza izitifiketi eziwu-19 zokufa esebenzisa imininingwane yabantu abaphilayo. Kusolakala ukuthi ubethatha izitifiketi zokufa kwabantu ezinikeza abantu abathile okubalwa kubona nabayizisebenzi zikahulumeni. Abebethatha lezi zitifiketi bebezisebenzisela ukufaka izicelo zokukhokhelwa izimali ezinkampanini zemishwalense abasuke bejoyinelwe kuzona bengazi abanikazi beniningwane okwakhiwe ngayo izitifiketi. Kunezinsolo eziqinile zokuthi naye umsolwa wazibhalisa qobo lwakhe njengomuntu ongasekho emhlabeni ngenhloso yokuzihlomulisa yena nomndeni wakhe ngemali kahulumeni ekhokhelwa izisebenzi zawo uma sezishonile.
Phakathi kwalezo zinkampani kubalwa iSanlam Insurance, iSASSA, i-Old Mutual kanye neMetropolitan. Umthombo osondelene nalolu daba uveze ukuthi ibalwa ngezigidi imali okusolakala ukuthi yakhwatshaniswa ngumsolwa kanye nabanye asolwa nabo.
“Kusazoboshwa nabanye abaningi kuleli cala. waboshwa ngosuku lwezithandani. Uyamaniswa necala lokukhwabanisa nenkohlakalo. Uphenyo luphethwe wuphiko lwamaphoyisa asuka kwesinye isifundazwe.”
“Okushaqisayo wukuthi kunabanye abantu abayizisebenzi zikahulumeni kanti abanye bangabantu abanegama emiphakathini okuvela ukuthi bayathinteka kulolu daba. Kuthiwa nabo bebethatha imininingwane yabantu babajoyinele imishwayilense emuva kwesikhathi esithile babuye bezobabika njengabantu abashonile ukuze umsolwa ezobasiza kwakhiwe izitifiketi zokufa ekubeni bephila. Sinethemba lokuthi amaphoyisa azokwenza uphenyo lwawo oluzoholela ekuboshweni kwabanye abantu abathintekayo,” kusho umthombo. ILANGA lizamile ukuxhumana nokhulumela uMnyango wezaseKhaya uMnu Siya Qoza kwangalunga. Ucingo lwakhe belukhala lungabanjwa. Akawuphendulanga nomyalezo athunyelelwe wona.
Okhulumela oKlebe KwaZulu-Natal, uLt Colonel Simphiwe Mhlongo ukuqinisekisile ukuboshwa kukamsolwa. “Umsolwa uboshwe emuva kokuba kwenziwe olude uphenyo maqondana nezinsolo ayamaniswa nazo. Uboshelwe icala lenkohlakalo nokukhwabanisa. Umsolwa ungaphandle ngebheyili ka-R10 000. Kusolakala ukuthi kwayena wazibhalisa njengomuntu ongasekho emhlabeni. Uzobuyela enkantolo ngomhlaka ka-15 kuNhlaba (May) kophezulu,” kusho uMhlongo.







