Ilanga News
Home 9 Featured 9 Umlingisi ufisa abaphila nokhubazeka baqashwe ezinkampanini

Umlingisi ufisa abaphila nokhubazeka baqashwe ezinkampanini

by | 20 September 2026

UMLINGISI wakumabonakude uMenzi Nxumalo uthi kuningi okusadingeka ukuba kwenzelwe abantu abaphila nokukhubazeka ukuze nabo bazibone beyingxenye yomphakathi. Enhlangnweni ayisungulile engenzinzuzo iNokusa Support for Disabled People uthi ibhekela izidingo iphinde futhi iqwashise nangakho, uthi kubalulekile ukuthi nabo bavulelwe amathuba njengawowonke umuntu.


“Ukuphila nokukhubazeka akulula kunezinselelo zakho eziningi kepha abakhubazekile kabatholi amathuba njengabanye. Njengenhlangano kasikholelwa ekutheni abaphila nokukhubazeka kumele bayiswe ezikhungweni zabakhubazekile kodwa kumele banikwe amakhono azokwazi ukubaphilisa nabo badinga amathuba njengawowonke umuntu, ” kuchaza lo mlingisi ozakhele igama ngokulingisa kwiDurban Gen, Smoke and Mirror, iGomora nakuZalo.


Muva nje le nhlangano inomkhankaso othi Take a Disabled Child to Work oqala mhla ka 1 November lapho benxenxa khona izinkampani ezahlukene ukuba zisondele neno ngokuthatha izingane zizofunda ngomsebenzi emikhakheni eyehlukene. Lokhu kuzozinika ithuba lokufunda ngomsebenzi, zithole ulwazi nokuzethemba.


“Sihlela ukuthi kube wuhlelo lwaminyaka yonke ukuze izingane nentsha zibone ukuthi kukhona okungale kwalokhu abakubonayo uma bebuka impilo yokuphila nokukhubazeka. Sizosebenzisa neminyango kahulumeni, eminye isikhona esisivulele iminyango, sinxenxa nomasipala nezinkampani ezizimele ukuba zisondele nazo. Lokhu kuzosiza kwazona izinhlangano ukuba zivulele amathuba abantu abaphila nokukhubazeka, zibheke nokuthi isimo bangasiphucula kanjani ukubasiza nabo njengengxenye yomphakathi,” kuchaza uMenzi.


KwiNokusa esungulwe ngo-2028 uthi banemikhankaso eyehlukene abayenzayo kumanje banikela ngama walking sticks nama-wheelchairs ngokusebenzisana nomphakathi okuyiwo ohlonza abadingayo ezindaweni zasemakhaya nasemalokhishini. “Sifuna ukushintsha umehluko phakathi kwengane yasemakhaya, zonke zikwazi ukuthola amafisa lapho zikhoula kungabi wukuthi ophila nokukhubazeka uthembeka kwi-grant kahulumeni kuphela,” kuphetha yena. Izinkampani ezifisa ukumthinta zingathumela i-email ku: uzwidelo@gmail.com

Ezisematheni

‘Ubulawe wugesi’ evakashelwe yintombi

‘Ubulawe wugesi’ evakashelwe yintombi

ASABAMBE ongenzansi amalungu omphakathi wakwa-V, ezakhiweni eZimeleni, eMlazi, ngowesilisa okuthiwa ushokhwe wugesi washona belungiselela ukuyolala nentombi entsha, ethi ifike endlini yakhe izomqoma. Umndeni kamufi uMnu Philani Mkhungo (36), uthi usele nemibuzo...

Ubonga abangani abamthathele isikweletu ophothule ezobumeli

Ubonga abangani abamthathele isikweletu ophothule ezobumeli

UBONGE abangani bakhe besifazane aqala nabo ukwenza izifundo zomthetho, abamthathela isikweletu sika-R40 000 ebhange ukuze aqedele izifundo zakhe ngemuva kweminyaka eyishumi, obethweswa iziqu zomthetho. UMnu Lungelo Hlongwane (29), ubengomunye wezitshudeni eziwu-1665,...

UMalema uthi abavoti abakhohlwe uMandela akasekho

UMalema uthi abavoti abakhohlwe uMandela akasekho

UMENGAMELI we-Economic Freedom Fighters (EFF), uMnu Julius Malema uthi uzoyiphinda kabili impesheni yabantu abadala uma benikwa ithuba ngabavoti. Ubekhuluma kumhlahlandlela wezethembiso zaleli qembe eJL Dube stadium, eNanda ngoMgqibelo. Uthe njengoba behola u-R2400...