
IZOWUDLELA ejele uKhisimusi iNkosi uSimphiwe Eric Zuma, ebhekene namacala amathathu okubulala.
NgoLwesibili ibivele kafushane eNkantolo yeMantshi yaseHowick. Inkosi isolwa ngokuba nesandla ekufeni kukaNdunankulu wesizwe sayo uMnu Qalokunye Zuma oyilungu lomndeni wayo, elokubulawa kukaMnu Nhlalaye-nza Ndlovu owayeyikhansela le-DA elingusotswe-bhu kuMasipala uMngeni nelokubulawa kukaMnu Xolani Ndlovu-Ntombela.
Ecaleni lokubulawa kukaZuma noNdlovu, inkosi iboshwe nabasolwa abane okunguMnu Thobani Hlongwa, uMnu Khayelihle Shabalala, uMnu Thabo Mathonsi noMnu Zwelithini Buthelezi oyinduna yaseMpophomeni. Kwelokubulawa kukaNdlovu, inkosi iboshwe noMnu Thembelani Mbatha.
NgoLwesibili inkantolo ilihlehlisile icala ngesizathu sokuthi bebengekho abameli babasolwa. Kuthiwa kuphambane izinsuku zokuhlala kwecala. UMnu Francois Rodgers, ongumholi weDA KwaZulu-Natal, uthe kubaphatha kabi ukubambezeleka kwaleli cala.
“Inkantolo ibambezela ukudlulisa leli cala ngoba kufanele lidluliselwe eNkantolo eNkulu yaseMgungundlovu, okuyilapho okufanele lifike liqale khona ukuqulwa. Sizoqhubeka nokuweseka umndeni wakwaNdlovu,” kusho uRodgers.







