Ilanga News
Home 9 Entertainment 9 Ubuyela ekhaya lawo umcimbi woSuku Lomshunqo

Ubuyela ekhaya lawo umcimbi woSuku Lomshunqo

by | 26 October 2025

UBUYELA ekhaya lawo umcimbi wesihlabani saKwaMashu somculo we-gqom, uDladla Mshunqisi obizwa ngoSuku Lomshunqo Music Festival, ozobanjelwa ePrincess Magogo Stadium, kulona leli lokishi ngomhla ka-29 kuNovember walo nyaka.

Lo mcimbi kaDladla – ongomunye wabaculi be-gqom abahamba phambili kuleli – ngonyaka odlule ufudukile kuleli lokishi, wayokwenzelwa eBerea Rovers, eThekwini. Echaza ngalesi sinqumo uDladla, uthi baningi abakhalile ngaso njengoba abanye baze bambhalela nasezinkundleni zokuxhumana, befuna ubuyele kuleli lokishi umcimbi njengoba waqala kulona, futhi sewufana nowabo.

“Bengiqala ukuwukhipha KwaMashu ngonyaka odlule. Ngingasho nje ukuthi baningi abantu bakuleli lokishi abangasithandanga lesi sinqumo. Nakuba iBerea Rovers bekuyindawo ephakathi nendawo, futhi evulelekile, kodwa abantu baKwaMashu bese bewufukamele, bawenza owabo, okuyisizathu esenze bawukhalela lo mcimbi,” esho.

Uthi kulo nyaka kuningi okwehlukile ngalo mcimbi njengoba ethi kuzobe kugxunyekwe ubhazabhaza wetende ePrincess Magogo, ngenhloso yokuthi abantu banganethwa uma kwenzeka kuba nemvula.

“Kangazi noma yinhlanhla kumbe yibhadi yini, kodwa imicimbi yami eminingi ivamise ukuhambisana nemvula, yingakho abantu kumele bakhululeke ngoba ngeke banethwe, kwazise sizobe sibahlelele ukuthi bajabule ngendlela abangeke bazisole ngayo,” esho.

Uncoma uhlu lwabaculi ababoshelwe kulo nyaka, njengoba phakathi kwabo kuboshelwe uTira ongumphathi wakhe e-Afrotainment, uZee Nxumalo, uLehleza, uFelo Le Tee, iDistruction Boyz, uDanger, uLimit, uJumbo, uBabes Wodumo, uMgilane, uSphectacular noNaves, uDuncan noZakwe, uBeast, uNtencane, u-Ayanda Ntanzi, iQ-Twins, uMjolisi, uMafikizolo, uLungelo Hlongwane, uHappygal, uDankie Boy nabanye. 

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...