
UBUYELA ekhaya lawo umcimbi wesihlabani saKwaMashu somculo we-gqom, uDladla Mshunqisi obizwa ngoSuku Lomshunqo Music Festival, ozobanjelwa ePrincess Magogo Stadium, kulona leli lokishi ngomhla ka-29 kuNovember walo nyaka.
Lo mcimbi kaDladla – ongomunye wabaculi be-gqom abahamba phambili kuleli – ngonyaka odlule ufudukile kuleli lokishi, wayokwenzelwa eBerea Rovers, eThekwini. Echaza ngalesi sinqumo uDladla, uthi baningi abakhalile ngaso njengoba abanye baze bambhalela nasezinkundleni zokuxhumana, befuna ubuyele kuleli lokishi umcimbi njengoba waqala kulona, futhi sewufana nowabo.
“Bengiqala ukuwukhipha KwaMashu ngonyaka odlule. Ngingasho nje ukuthi baningi abantu bakuleli lokishi abangasithandanga lesi sinqumo. Nakuba iBerea Rovers bekuyindawo ephakathi nendawo, futhi evulelekile, kodwa abantu baKwaMashu bese bewufukamele, bawenza owabo, okuyisizathu esenze bawukhalela lo mcimbi,” esho.
Uthi kulo nyaka kuningi okwehlukile ngalo mcimbi njengoba ethi kuzobe kugxunyekwe ubhazabhaza wetende ePrincess Magogo, ngenhloso yokuthi abantu banganethwa uma kwenzeka kuba nemvula.
“Kangazi noma yinhlanhla kumbe yibhadi yini, kodwa imicimbi yami eminingi ivamise ukuhambisana nemvula, yingakho abantu kumele bakhululeke ngoba ngeke banethwe, kwazise sizobe sibahlelele ukuthi bajabule ngendlela abangeke bazisole ngayo,” esho.
Uncoma uhlu lwabaculi ababoshelwe kulo nyaka, njengoba phakathi kwabo kuboshelwe uTira ongumphathi wakhe e-Afrotainment, uZee Nxumalo, uLehleza, uFelo Le Tee, iDistruction Boyz, uDanger, uLimit, uJumbo, uBabes Wodumo, uMgilane, uSphectacular noNaves, uDuncan noZakwe, uBeast, uNtencane, u-Ayanda Ntanzi, iQ-Twins, uMjolisi, uMafikizolo, uLungelo Hlongwane, uHappygal, uDankie Boy nabanye.Â







