
UGABE ngesipiliyoni kwezokuphathwa komasipala umeluleki owethulwe kuMasipala uMsunduzi eMgungundlovu.
UNgqongqoshe wezokuBusa ngokuBambisana nezoMdabu KwaZulu-Natal, uMfu Thulasizwe Buthelezi, uhlangane namakhansela alo mkhandlu ngenhloso yokwethula uDkt Mike Sutcliffe, ngokulandela isigatshana somthetho uSection 154.Â
Lo mthetho unika ungqongqoshe igunya lokuba angenelele ngokufaka umeluleki uma kunezimpawu zokuthi umkhandlu uyehluleka. IMeya yaseMsunduzi, uMnu Mzimkhulu Thebolla, ithe bayamemukela uDkt Sutcliffe.
“Sinezinkinga, ezinye zazo ziyaziwa ngisho nasemiphakathini esiwuholayo. Sinethemba lokuthi ukufika kwakhe uDkt Sutcliffe kuzokwenza umehluko kumasipala wethu,” esho.
UButhelezi uthe enye inhloso yokungenelela komnyango wukugqugquzela ukusebenzisana kuzona zonke izinhlaka ezithintekayo kulo mkhandlu.
“UDkt Sutcliffe uyaziwa ngeqhaza alibambile ephethe umasipala iTheku. Abantu baseMgungundlovu bahlala bekhala ngokungabinawo ugesi, amanzi nezinye izidingo. Sinethemba lokuthi umkhandlu uzokwazi ukubambisana ukuze kuzofezeka izidingo zomphakathi,” kusho uButhelezi.







