Ilanga News
Home 9 Featured 9 Uchaze ngeminjunju eyolanda ngehlahla uNathi Mthethwa e-Europe

Uchaze ngeminjunju eyolanda ngehlahla uNathi Mthethwa e-Europe

by | 14 October 2025

UPHUMELE obala ngeminjunju emfikele efika endaweni yesigameko okuphelele kusona indodana yakhe uMnu Musawokuphila Mthethwa onguyise omncane kaMnu Nathi Mthethwa (58) oshone emasontweni amabili adlule ngokuwa esitezi sika-22 ehhotela laseFrance, lapho abeyinxusa laseNingizimu Afrika khona.

UMthethwa nguyena obehola amalungu omndeni ukuyolanda isidumbu sikamufi nokuqhuba usiko lwehlahla ukubuyisa isidumbu eNingizimu Afrika. Ekhuluma enkonzweni uMthethwa, ubonge uMengameli Cyril Ramaphosa nethimba loMnyango wezobuDlelwano bamazwe ngokubambisana nomndeni ngesikhathi sobunzima.

Uchaze ngobunzima bokufika endaweni yesigameko lapho umphefumulo wendodana yakhe uphumele khona. Uthi wehlulekile wukuzibamba, wasikhihla isililo ngenxa yobuhlungu. Uthe nakuba ebesezinhlungwini kodwa akakhohlwanga wukucabanga umakoti wakwakhe, uNkk Philisiwe Mthethwa, uMaButhelezi. Ubonge uMaButhelezi ngokuba seduze kwendodana yakhe kwaze kwaba sekugcineni.

Indodana kamufi, uMkhululi Mthethwa, ibonge ukubumbana komndeni ukuqinisekisa ukuthi uyise ubuyiselwa kuleli ngaphandle kwezihibe. Abantu bamazinga ahlukene kusukela kosopolitiki, osomabhizinisi namalungu omphakathi bebephume ngobuningi ukuyophelezela umufi owake waba ngungqongqoshe weminyango eyahlukene okubalwa kuyona owamaphoyisa, owezemidlalo, ezokungcebeleka nezobuciko namasiko.

Amalungu omphakathi waseDondotha namaphethelo, aphume agcwala onqenqemeni lomgwaqo ebuka ujenga lwezimoto ebeziholwa ngeyaseCebolethu, ebithwele isidumbu sikamufi, zilibhekise eSiyabonga Sangweni Sports Complex ekule ndawo.

Ezisematheni

Izothuthukisa umnotho nezokuvakasha inxanxathela yezitolo

Izothuthukisa umnotho nezokuvakasha inxanxathela yezitolo

KUBHEKWE ukuthi ithuthukise umnotho iphinde yakhe namathuba emisebenzi inxanxathela yezitolo nehhotela okulindeleke ukuthi iqale ukwakhiwa edolobheniiHarrismith elincikene nezifundazwe ezintathu okuyiGauteng, KwaZulu Natal neFree State. Le nxanxathela izohlanganisa...

Ugabe ngesipiliyoni sebhizinisi ongenele ukhetho

Ugabe ngesipiliyoni sebhizinisi ongenele ukhetho

UGABE ngesipiliyoni sokuthuthukisa umphakathi nokuba ngusomabhizinisi ovelele uMnu Roy Moodley oneqembu elikhankasela ukhetho lohulumeni basekhaya ezindaweni ezahlukene KwaZulu Natal i-African Movement Congress. UMoodley engxoxweni neLANGA uveze ukuthi isipiliyoni...

UHlabisa nesicelo emakhosini asendlunkulu

UHlabisa nesicelo emakhosini asendlunkulu

UNGQONGQOSHE wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu (COGTA), kuZwelonke, uMnu Velenkosini Hlabisa, usenxuse amakhosi ukuthi avikele izinhlelo zentuthuko, ezilethwa nguhulumeni emiphakathini, ukuthi zingacekelwa phansi. Ubekhuluma ngoLwesithathu, ngesikhathi...