Ilanga News
Home 9 Featured 9 Uchaze ngeminjunju eyolanda ngehlahla uNathi Mthethwa e-Europe

Uchaze ngeminjunju eyolanda ngehlahla uNathi Mthethwa e-Europe

by | 14 October 2025

UPHUMELE obala ngeminjunju emfikele efika endaweni yesigameko okuphelele kusona indodana yakhe uMnu Musawokuphila Mthethwa onguyise omncane kaMnu Nathi Mthethwa (58) oshone emasontweni amabili adlule ngokuwa esitezi sika-22 ehhotela laseFrance, lapho abeyinxusa laseNingizimu Afrika khona.

UMthethwa nguyena obehola amalungu omndeni ukuyolanda isidumbu sikamufi nokuqhuba usiko lwehlahla ukubuyisa isidumbu eNingizimu Afrika. Ekhuluma enkonzweni uMthethwa, ubonge uMengameli Cyril Ramaphosa nethimba loMnyango wezobuDlelwano bamazwe ngokubambisana nomndeni ngesikhathi sobunzima.

Uchaze ngobunzima bokufika endaweni yesigameko lapho umphefumulo wendodana yakhe uphumele khona. Uthi wehlulekile wukuzibamba, wasikhihla isililo ngenxa yobuhlungu. Uthe nakuba ebesezinhlungwini kodwa akakhohlwanga wukucabanga umakoti wakwakhe, uNkk Philisiwe Mthethwa, uMaButhelezi. Ubonge uMaButhelezi ngokuba seduze kwendodana yakhe kwaze kwaba sekugcineni.

Indodana kamufi, uMkhululi Mthethwa, ibonge ukubumbana komndeni ukuqinisekisa ukuthi uyise ubuyiselwa kuleli ngaphandle kwezihibe. Abantu bamazinga ahlukene kusukela kosopolitiki, osomabhizinisi namalungu omphakathi bebephume ngobuningi ukuyophelezela umufi owake waba ngungqongqoshe weminyango eyahlukene okubalwa kuyona owamaphoyisa, owezemidlalo, ezokungcebeleka nezobuciko namasiko.

Amalungu omphakathi waseDondotha namaphethelo, aphume agcwala onqenqemeni lomgwaqo ebuka ujenga lwezimoto ebeziholwa ngeyaseCebolethu, ebithwele isidumbu sikamufi, zilibhekise eSiyabonga Sangweni Sports Complex ekule ndawo.

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...