
BAVELE eNkantolo yeMantshi yaseNdwedwe, abesilisa abayisihlanu abawuzalo, abasolwa ngokushaya, bathungele ngomlilo isihlobo sabo, esigamekweni esenzeke ekuqaleni konyaka.
Kubikwa ukuthi laba besilisa okungoMnu Zamokuhle Mngadi (43), uMnu Thobani Mashazi (30), uMnu Mthobisi Mdima (26) uMnu Nhlakanipho Busani (25) noMnu Vumani Ndwadwe (26), bavele ngecala lokubulala uMnu Phiwokuhle Goba (46).
Kubikwa ukuthi lesi sigameko senzeka ngomhla ka-1 kuMasingana (January) 2026, ngesikhathi umufi eyothenga esitolo sendawo. Kubikwa ukuthi abasolwa babe sebebhozomela umufi, bamthela ngenduku ngaphambi kokumbhunyela ngophethiloli, bamshisa.
Kuthiwa umufi wakwazi ukubaleka, wangena komunye umuzi eyocela usizo. Waphuthunyiswa esibhedlela walaliswa izinsuku, kwagcina kumenele ukufa. Kuthiwa icala laze lavulwa ngemuva kwesikhathi kwenzeka isigameko, njengoba umufi wayesesimeni esibucayi esibhedlela KwaDukuza.
Umthomho waleli phephandaba ulihlebele ukuthi umufi nabasolwa bawuzalo.
“Phambilini umufi wake waboshelwa icala lokugqekeza esitolo sasemndenini. Kuhambe isikhathi icala liqhubeka, kwabe sekushona ufakazi okunguyena okuvela ukuthi wambona. Kube sekuba nokunukana ukuthi lona wasemndenini oshonile uloyiwe, ngoba kuzanywa ukucinywa ubufakazi. Ngosuku ashaywe ngalo umufi, waya esitolo eyothenga, wabe esefica bona abasolwa esitolo.
“Kusolwa ukuthi bambamba, bamvalela esitolo, bemsola ngokuthi wabulala isihlobo esasizoba ngufakazi ecaleni lakhe lokweba esitolo. Bamshaya beshintshana ngaye. Konke lokhu kwenzeka emini kukhona nabantu. Bamshaya maqede bamkhiphela ngaphandle kwesitolo, bambhunyela ngophethiloli, bamthungela ngomlilo.
“Umufi wakwazi ukudlubulundela khona evutha, wayongena komunye umuzi lapho afike wacela usizo, bamphuthumisa esibhedlela,” kusho umthombo.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uCol Robert Netshiunda, uthe amaphoyisa aseNdwedwe abophe abasolwa abayisihlanu, kulandela isigameko sokushaywa kushiswe owesilisa oneminyaka ewu 46. UNetshiunda uthe abasolwa bavelile eNkantolo yeMantshi yaseNdwedwe ngoLwesithathu.







