Ilanga News
Home 9 Ezikaqedisizungu 9 Amaciko azobuyisa isithunzi sabangasekho kwiMother of All Maskandi Festival

Amaciko azobuyisa isithunzi sabangasekho kwiMother of All Maskandi Festival

by | 21 February 2025

MTHOBISI SITHOLE

ABUYISA isithunzi sabasunguli bamaqembu abangasekho emhlabeni amaciko asehola lamaqembu omculo kamaskandi. Lokhu kuvezwe umholi waMageza Amahle, uSphesihle “iThole leNdidane” Gcwensa noweqembu Amangcukumane uBheki “Bhekihonga” Ngubane. Lezi zinsizwa zithi lokhu zifuna kubonakale emncintisanweni weMother of All okubekwe kuwona isiteki seToyota Quantum.

IThole LeNdidane lithi nasemlandweni wemincintiswano, wayengahluleki uyise (uMtshengiseni Gcwensa). Lithi lizimisele ngokubuyisa ukwethembeka kweqembu emincintiswaneni.
“Kunzima kakhulu emculweni kule minyaka ngenxa yokwanda kwabaculi abashisayo kodwa-ke sizimisele ngokuthi sibalwe nabaculi abahlanu abahamba phambili kulo mncintiswano. Lokhu-ke kuyokwenza ukuba sihlonipheke kwamanye amaciko ngoba indoda ezala thina (iNdidane)-kuyaziwa ukuthi beyisilwela isithunzi sayo,” kusho iThole LeNdidane.

Ngakolunye uhlangothi uBhekihonga uthi ukuhluleka kwabo wukungena kubaculi abawu-30 abazobanga isicoco semoto, kuyobe bacekele phansi imisebenzi kaMjikijelwa.
“Sizosebenza kanzima kwiMother of All ukuze silwele igama leChalaha. Imincintiswano efana nalena isho lukhulu emculweni wethu ngoba sihlomula izinto ezinkulu kanti kweminye imincintiswano kudlalwa ngathi,” esho.


Abaculi abaqokiwe bazomenyezelwa ngoMgqibelo. Ukuphakanyiswa kwamagama abaculi, kuvalwa ngoLwesihlanu mhlaka-21 kwephezulu. Ukuqoka umculi omthandayo ukuba angene ohlwini lwabaculi abawu-50 abazongenela, uthumela igama lomculi kule email : UKmafrica24@gmail.com. Kusukela ngempelasonto kuzobe sekuvotelwa ngohlelo lokuthumela i-sms. UMgqugquzeli walo mcimbi uMnu Eric Ngobe uthe ukuphela kwesonto elizayo kuzohlungwa amaciko awu-40 azongena kulesi sigaba ngokwevoti, kwelilandeyo kube abawu-30.


“Laba abawu-30 abazosala, yibona abazobe sebelelwa umzuliswayo wamanqamu wemoto kuze kuyofika usuku lomcimbi. Kusezandleni zabalandeli ukuthi umculi abamuthandyo bamuvotela ngendlela yokuthi afike ohlwini lwabaculi abawu-30. Sizoqala kwi-Top 50 yohlelo lokuqokwa ngama-email, uma sekuvotwa bakhale ngaphansi abanye kusale abawu-40 ngokwevoti, kwehle kuze kufike ku-30. Isonto nesonto sizokhipha uhlu lwabaculi abahamba phambili ngokwamavoti abo,” kusho uNgobe.


Lo mncintiswano uzophethwa ngedili lomculo mhlaka-5 kuMbasa (April) ePeoples Park Moses Mabhida, eThekwini. Amathikithi atholakala ngesipesheli okwamanje eShoprite uthenga elilodwa ngo-R15O uthole elinye elilodwa. Lesi sipesheli sizophela mhlaka-3 kuNdasa (March).
mthobisis@ilanganews.co.za

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...