Ilanga News
Home 9 Entertainment 9 Udide abaningi uLimit ehudula abakamaskandi

Udide abaningi uLimit ehudula abakamaskandi

by | 5 March 2025

AKUMQEDANGA umdlandla ukuphunyukwa yiqatha emlonyeni emcintiswaneni weMother of All Maskandi Festival, umculi kamaskandi othembisa ukuqinisa kakhulu umkhankaso wakhe kulo nyaka.

Usolwazi, weqembu AmaNMZ, okunguyena obemisene kabi noGatsheni nyakenye kulo mncintiswano, uthi ukuhlulwa kwakhe nyakenye kumkhuthaze kakhulu ngoba usezokwazi ukuqaphela okumlimazile ukuze anqobe kulo nyaka. Utshele ILANGA ukuthi nyakenye ulinyazwe yizinto ezincane.

“Angifuni ukudalula okuningi okuyikhona okungilimazile emkhankasweni wami kodwa kulo nyaka ngibazwela ubuhlungu abaculi esiqokwe nabo ngoba ngizimisele ngokukhipha amangwevu. Nyakenye ngababudedengu ohlelweni lwami lomkhankaso,” kusho uSolwazi.

Uthi kulo nyaka uzongena umuzi nomuzi emphakathini wangakubo eMzimkhulu, egaya amavoti.

“Ukushayeka kwami nyakenye kubenzima, kodwa-ke ukuhuzuka yikhona okusikhulisayo emculweni wesintu,” esho.

Ngesonto eledlule baqokiwe abaculi abawu-50 kulo mncintiswano kanti kuleli sonto kuzohlungwa, kusale abawu-40, ngokwenani lamavoti abo. Ngempelasonto kumenyezelwe uhlu lwabaculi abawu-40 abahamba phambili ngokwamavoti.

NgoMgqibelo kuzokhishwa uhlu lwabawu-30 okuyibona abazoqhudelana kuze kufike usuku lokumenyezelwa konqobile. Umculi kamaskandi osaqengqeleza phambili, odide abaningi ngokwamavoti awu-11 039, nguLimit waseNkandla.

Ulandelwa nguMenzi ngamavoti awu-8956, kube nguSolwazi ngamavoti awu-8382, Amawele kaMaMtshawe ahleli kwawu-4661, nabanye bayalandela.

Umgqugquzeli walo mcimbi uZimiphi “Zimdollar” Biyela uthi izinga lokuvota kwabalandeli lenyuke kakhulu.

“Njengamanje wonke amaciko alwela ukungasali kwiTop 30. Okusho ukuthi ukukhankasa komculi ngamandla yikhona okuzom’beka emathubeni amahle okungena ohlwini lokugcina lwabazoqhudelana kuze kufike usuku lomcimbi,” kusho uZimdollar.

Umcimbi wokumenyezelwa komculi onqobile, uzokuba mhla ka-5 kuMbasa (April) ePeople’s Park, eduze kwaseMoses Mabhida, eThekwini. Kulo mncintiswano kubekwe isiteki seToyota Quantum ezotholwa ngumculi obehlule bonke.

Nyakenye lesi siteki sihlwithwe nguGatsheni. Ngosuku lweFstival kuzonandisa abaculi abayingxenye yomncintiswano nabamenyiwe ngokukhethekile. Amathikithi omcimbi ayatholakala eShoprite ngo-R150, ahamba ngamabili. Lesi sipesheli sizophela mhla ka-3 kuNdasa (March).

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...