Ilanga News
Home 9 Ezikaqedisizungu Featured 9 UJumbo nezinhlelo zokugubha ewu-10 esemculweni

UJumbo nezinhlelo zokugubha ewu-10 esemculweni

by | 18 January 2026

UYINGXENYE yokuqala imigubho yeminyaka eyishumi esemculweni umcimbi womculi wodumo uJumbo osezakhele igama ngokunandisa emicimbini nangokuhlabana ngezindondo ezahlukene.
UJumbo – ongumculi we-gospel – uhlela ikhonsathi yakhe yokuqala ekulo mkhakha ezokuba ngomhla ka-28 kuFebruary eThe Playhouse, eThekwini. Uthi ulindele abantu abazifela ngezinhlobo ezahlukene zomculo.


“Nakuba ngingumculi okhipha izingoma ze-gospel kodwa nginanezingoma nabaculi abahlukene bezinye izinhlobo zomculo. Okunye ngingumculi otholakala kuyona yonke imicimbi okungeyona nje eye-gospel kuphela, okwenza ngithi ngilindele abantu baphume ngobuningi ukuzongeseka kule khonsathi yami yokuqala eminyakeni eyishumi ngisemculweni,” esho.
Uthi nakuba zibe khona izingqinamba ezimhlaselile kule minyaka ekulo mkhakha kodwa akafuni ukugxila nokuzicabanga, ufisa ukugxila kokuhle akuzuzile kuwona.


“Kuningi okuhle okwenzekile engifuna kube yikhona engikuvezayo kunokuqhakambisa okungihlukumezile,” esho.
Ubalule ukwakha ikhaya lakubo kabusha nokuhlabana ngezindondo ezahlukene njengempumelelo yakhe.
“Kule minyaka ngikwazile ukukhipha ama-albhamu amahlanu futhi wonke aba nezingoma eziqokelwe iSong Of The Year koweCrown Gospel Music Awards, ngaphinda ngahlabana ngezindondo ezine zalo munxa kanjalo nendondo yeSAMA koweBest Traditional Gospel Album. Ngakho ukuqhakambisa okuhle kule minyaka eyishumi yikho engifuna ukukubeka phambili,” esho.


Uthi le khonsathi iyisiqalo sezinhlelo anazo kulo nyaka ezihambisana nalo mgubho.
“Umcimbi omkhulu uyeza phakathi nonyaka kodwa okuningi ngizokumemezela ngosuku lwekhonsathi konke esikuhlelile ukugubha le minyaka eyishumi,” esho. Uthi ufihle induku emculweni ngokuzobe kwenzeka kule khonsathi.
“Ngeke ngibabalule abaculi engizobe nginabo kodwa engingakusho wukuthi iningi lalabo enginezingoma nabo bazobe bekhona kodwa ngenxa yokuthi kuzobe kuwusuku lwami futhi ngifisa nabazobe bekhona bazi ukuthi bazobungaza uJumbo nebanga aselihambile emculweni,” esho.


UJumbo useke wasebenza nabaculi okubalwa kubo uTira, uKhuzani, uLungelo Hlongwane, iQwabe Twins, uShwi, uBabo Ngcobo nabanye abaningi. Utshele ILANGA Lempelasonto ukuthi amathikithi ayatholakala eWebtickets kusukela ngoR250 ajwayelekile kuya ku-R350 awezicukuthwane.
“Eminye imininingwane ngamathikithi nangalo mcimbi abantu bangayithola ezinkundleni zami zokuxhumana,” kusho uJumbo ogama lakhe langempela nguLwando Nyangiwe.

Ezisematheni

Ungqongqoshe uvakashele indawo yenhlekelele eBuhleni

Ungqongqoshe uvakashele indawo yenhlekelele eBuhleni

UNGQONGQOSHE wezokuBusa ngokuBambisana nezoMdabu KwaZulu-Natal uMfu Thulasizwe Buthelezi uvakashele ebandleni laseNazaretha eBuhleni eThekwini namhlanje eyobheka isimo njengoba lelibandla lehlelwe umshophi ngesonto eledlule kwabhidlika isakhiwo esilimaze abantu...

Bahlele ingqungquthela yokudodis abafana ezikoleni

Bahlele ingqungquthela yokudodis abafana ezikoleni

UKUZAMA yikulwisana nobugebengu nokuzama ukucija intsha, kwenze izinhlangano ezimbili ezingenzi nzuzo ukuba zihlanganyele nezikole ezahlukene ezakhele ilokishi KwaMashu, ngenhloso yokudodisa abafana. Lezi zinhlangano - iSigungu Sezinsizwa neSiyabadodisa - zihlele...

Isigungu sobukhosi sikhiphe ingonyuluka ngokuphikisa ukuqokwa kwayo

Isigungu sobukhosi sikhiphe ingonyuluka ngokuphikisa ukuqokwa kwayo

Isigungu sezindlu zobukhosini baseMathulini eMgababa esithangamini sabezindaba eThekwini. SEZIVEZE okusha izindlu zobukhosi baseMathulini eMgababa ngombango wobukhosi bakulesi sizwe emuva kokuba uhulumeni wemukele iNkosi uMazwendoda Luthuli ozalwa inkosi ekhothame...