Ilanga News
Home 9 Entertainment 9 Ukhumbule okwaqashisa uSelbyonce oKhozini owayengumphathi wezinhlelo

Ukhumbule okwaqashisa uSelbyonce oKhozini owayengumphathi wezinhlelo

by | 18 June 2025

UVEZE okwaqashisa uSelbyonce oKhozini FM owayengumphathi wezinhlelo kulo msakazo uZandile Tembe ngesikhathi evalelisa lo msakazi ohlelweni lwakhe lokugcina ngoLwesithathu ntambama.

USelbyonce ugamalakhe langempela uSleby Mkhize ubeshayela uhlelo lwakhe lokugcina ngemuva kokuthola amadlelo aluhlaza kwesinye isiteshi njengoba kunezinsolo eziqinile zokuthi ujoyina iGagasi FM.

Kulolu hlelo abaphathi boKhozi uLwazi Mthabela ongumphathi siteshi noMandla Mdletshe oyibamba lomphathi wezinhlelo bafisele uSelbyonce okumhlophe lapho eya khona.

Bambonge ngokusebenzisana kahle naye baphinde bamncoma nongakusebenza ngokuzimisela nokuthanda umsebenzi wakhe.

Kulolu hlelo kuthe uTshatha esakhumbula izinsuku zokuqala esebenza noSelbyonce kwavela kwaqhamuka uZandile kungazelele naye obezomfisela indlelanhle njengoba eshiya kulo msakazo.

UZandile ukhumbule isizathu esamenza waqasha uSelbyonce kulo msakazo. Uthe waqala wahlangana naye komunye umcimbi ngaphambi kokuthi uSelbyonce amfonele wabe esethumela ne-amail ene-demo yakhe esakaza.

I-Demo yokuqala kaSelbyonce ayeyithumelele uZandile izwakale okokuqala kulo msakazo lapho ayezwakala eshibilika ngesiNgisi kuyona.

UZandile uthe nakuba uSelbyonce ayeshibilika ngesikhathi kodwa wakhombisa ithalente nomfutho ofanele ukuba semsakazweni.

Uveze ukuthi zimbili izinto ezimqoka ezamenza wakhetha ukuqasha uSelbyonce kulo msakazo njengoba ebalule ikhono lakhe lokusakaza kanti okunye akuvezile wukuthi wayemele uhlangothi lwabantu abathile abaphila eNingizimu Afrika futhi abanelungelo lokumeleleka emsakazweni womphakathi.

UZandile uphinde wabonga noTshatha ngokwamukela umbono wabaphathi ababenawo ngesikhathi beqasha uSelbyonce kulo msakazo.

Uveze ukuthi ukusebenzisana okuhle phakathi kwalaba basakazi yikhona okwenze ukusebenza kwabo kwaba nomlingo kwaletha nempumelelo emsebenzini wabo.

UZandile ufisele uSelbyonce okuhle njengoba eseyoyibamba komunye umsakazo wamnxusa nangokuziphatha kahle lapho eyakhona.

Ezisematheni

Imindeni iveze usizi ihlomula ngemizi KwaNongoma

Imindeni iveze usizi ihlomula ngemizi KwaNongoma

IVEZE usizi olunzima ebikade ibhekene nalo imindeni yaKwaNongoma eHlalankosi ehlomule ngemizi namhlanje ngoLwesihlanu emuva kokuhlala isikhathi eside 'emafukwini' ngenxa yokukhahlanyezwa izikhukhula. Kuhlomule imindeni ewu-10 ngemizi iyakhelwa uMnyango wezokuBusa...

Ubonge uMkhwanazi kuhoxiswa amacala

Ubonge uMkhwanazi kuhoxiswa amacala

UBONGE uKhomishana wamaPhoyisa waKwaZulu Natal uLt Nhlanhla Mkhwanazi, uBrigadier Dineo Mokwele, ngemuva kokuhoxiswa kwamacala abebhekene nawo nabanye abebesolwa nabo okukhona kubona neNhloko yoPhiko lwezobuNhloli emaphoyiseni General Dumisani Khumalo. UMokwele...

I-ANC ivulela ilungu leDA icala ngezinsolo ezithinta uR4 billion

I-ANC ivulela ilungu leDA icala ngezinsolo ezithinta uR4 billion

I-ANC ihlela ukuvulela ilungu le-DA ePhalamende uMnu Mark Burke nenkampani emataniswa nayo iKastelo icala ngemuva kokusabalala kwezinsolo ezithinta izigidigidi zamarandi. USotswebhu we-ANC ePhalamende uMnu Mdumiseni Ntuli kubikwa ukuthi uthe inhloso yokuvula leli cala...