
KUHLUKANA imibono ezinhlangothini zebandla lamaNazaretha ngokungena kwabantu abanobungoma noma abelaphi bendabuko emagcekeni ebandla lakwaShembe, njengoba kukhona abathi bavumelekile kanti abanye bathi abavumelekile.
Ilanga lixoxe nezinhlangothi ezine zakwaShembe, okungoluholwa yiNkosi Mduduzi Shembe uNyazilwezulu, eBuhleni, olwaseThembezinhle oluholwa yiNkosi Phinda Shembe Ukukhanyakwelanga, olwaseKuphakameni oluholwa yiNkosi Vukile Shembe Incoyincoyi nolwaseGinyezinye oluholwa yiNkosi Sizwe Shembe uMudliwamafa.
Ukukhuluma nalezi zinhlangothi kuza emva kokuthi kubanjwe umelaphi wendabuko okusolakala ukuthi ubelaphela abantu edokodweni eBuhleni njengoba kuqhubeka umhlangano kaJulayi.
Okhulumela uNyazilwezulu, uMnu Thokozani Mncwabe, uthe ngokomthetho webandla lakwaShembe umuntu oyisangoma akanqatshelwa ukungena ebandleni uma ezokhonza kodwa akuvumelekile ukuthi angene nezikhwama zakhe zobunyanga namabhayi ezangoma.
“Kuvumelekile nokuthi anganikela enkosini abike usizi lwakhe nafisa kulunge bese inkosi imnika isibusiso. Okungavumelekile ukuthi angene nezikhwama zobunyanga. Nalona nje ongenile kube yiphutha ukuthi angene nezikhwama zakhe, kodwa noma esebanjiwe bekumele izinto zenziwe ngokukholwa angashaywa, kodwa ayobikwa enkosini kube iyona ethatha isinqumo,” kusho uMncwabe.

Umfundisi Joseph Mhlongo waseGinyezinye, uthe isangoma asivumelekile nhlobo ukunyathela emagcekeni kaShembe.
“Uma kungukuthi umuntu uyisangoma akavumelekile ukuthi asondelane nethempeli lakwaShembe. Mina nje ngakhulela eKuphakameni ngenxa yokuthi ekhaya kukhona owasuke wathwasa, iNkosi iLanga yathi icela sibuye sizohlala esontweni. Umoya wobungoma awuhlangani nhlobo nokaShembe futhi uthathwa njengomoya ongahlabulukile. Ngisho ngabe umuntu oyisangoma ufisa ukunikela kuShembe kumele athumele isihlobo sakhe simnikelele hhayi ukuthi azizele yena esontweni,” kusho uMfu Mhlongo.
Umshumayeli Chancey Sibisi waseThembezinhle, uthe noma umoya kaShembe ungasebenzi nowobungoma kodwa ababaxwayi abantu abayizangoma.
“Uma befika enkonzweni bayavumeleka ukuthi bangene bakhonze. Ukunikela bathumela sebekhona ngaphakathi ukuthi banikelelwe enkosini ngeke sibexwaye. Umuntu ufika adlulise lokho afisa ukuthi inkosi imsize kukho bese imnika isibusiso sokuthi kulunge izinto zakhe. Noma ngabe ucelela wona umsebenzi wakhe wokulapha ukuthi uhambe kahle inkosi ayinankinga,” kusho uMshumayeli Sibisi.
Umshumayeli Thetha Ngidi waseKuphakameni, uthe ngokwenqubo yamaNazaretha isangoma asidingeki nhlobo emabaleni akwaShembe.
“Umuntu oyisangoma akavumelekile ukungena endaweni kaShembe. Ngisho ngabe umuntu usefuna ukuphenduka kudingeka ashiye phansi izinto zakhe zobungoma bese eyohlambuluka ngaphambi kokungena esontweni. Akekho umuntu ongafika athi ufuna ukungena esontweni eyisangoma noma athi ufuna ukubona uShembe. Uma kukhona okuwusizi afisa ukukubika kuShembe angathumela umuntu wakubo ongesona isangoma ahambise umnikelo,” kusho uMshu Ngiba.







