
ABAHOLI bamazwe abebethamele ingqungquthela ye-G20, bahalalisele uMengameli uCyril Ramaphosa ngokuhola nokusingatha le ngqungquthela ngempumelelo njengoba ibiqala ukubanjelwa ezwenikazi i-Afrika, kusukela yaqala ukwenzeka.
Le ngqungquthela yamazwe athuthuke ngokwezomnotho, iqale ngezigigaba ezahlukene kulandela ukuba izwe okumele liyisingathe ngonyaka ozayo i-USA, liyidubile. UMengameli wase-USA, uMnu Donald Trump, uyidubile le ngqungquthela, washiya angalazi ngeNingizimu Afrika. Bekuqala ukuthi kule ngqungquthela izwe elizoyisingatha ngonyaka olandelayo lingabi yingxenye yayo.
Evala le ngqungquthela uRamaphosa, ukubeke kwacaca ukuthi bahlose ukubeka i-Afrika eqhulwini lwezingxoxo zohwebo kula mazwe ayingxenye yeG20. URamaphosa utshele abaholi ukuthi iNingizimu Afrika izibophezele ukwandisa inkence yokubhekana nokuguquguquka kwesimo sezulu.
Uqhube ngokuthi amathuba amaningi kwezomnotho ase-Afrika, ngakho ukubambisana nokuqinisa ubudlelwano kuzovula amathuba amaningi kuzona zonke izinhlangothi. URamaphosa ubonge bonke abaholi ababe yingxenye yale ngqungquthela, wathembisa ukuthi nangonyaka ozayo bazophinde babe yingxenye yayo.
Uthe akukho okuzokwenzeka okuthinta i-G20 ngaphandle kweNingizimu Afrika. Uthe ukukhula kwezwekazi i-Afrika kube seqhulwini ezingxoxweni zale ngqungquthela. URamaphosa uphawule nangodlame oluqhubekayo phakathi kwe-Israel nePalestine.
Unxuse ukuba le mpi iphele njengoba ephakamise ukuthi pha-nsi izikhali, konke kulungiswe etafuleni. Abaholi bamazwe bamhalaliselile uRamaphosa neNingizi-mu Afrika ngokusingatha le ngqungquthela ngempumelelo.
Umengameli waseTurkey, uMnu Recep Tayyip ErdoÄŸan, ekhuluma nabezindaba, ubonge uRamaphosa ngokukhombisa ubuholi obuqotho ngempumelelo yale ngqungquthela. U-ErdoÄŸan uthembise ukubambisana namazwe ukuqhubeka nokushumayeza izwi lokuthula nobumbano emazweni omhlaba.
Kule ngqungquthela alwenziwanga uhlelo lokudlulisela le ngqungquthela ezweni okumele liyisingathe ngonyaka ozayo ngenxa yokungabi khona kwe-USA. UNgqongqoshe wezobuDlelwa-no bamaZwe, uMnu Ronald Lamola, ucashunwe emithonjeni yabezindaba ekuveza ukuthi basazibophezele ukudlulisela ukusingathwa kwale ngqungquthela ngendlela efanele, futhi ebuholini obufanele base-USA.
Uthe lolu hlelo bangalwenza noma ngabe isidlulile ingqungqu-thela njengoba bezivulile izandla ebuholini obufanele base-USA. Kuzokhumbuleka ukuthi ithimba lase-USA ebelijutshiwe ukuzokwamukela ukusingathwa kwale ngqungquthela ngonyaka ozayo, ligcine lichithiwe njengoba kuvele ukuthi lisemazingeni aphansi ukuthi lingemukela ukusingathwa kwayo.
ULamola uthe le ngqungquthela ngeyabaholi bamazwe, ngakho iNingizimu Afrika ngeke yephule umthetho ngokudlulisela le ngqungquthela emqoka ethimbeni elisemazingeni aphansi.
lucky.cain@ilanganews.co.za







