
SELIDUMELA emasumpeni ngezingxoxo zokwakha uhulumeni wenhlanganisela eThekwini. Kusasa ngoLwesibili kuzobe kufungiswa amakhansela awu-223, azoba yingxenye yalo mkhandlu, bese kuqokwa izikhulu zawo okuyimeya, yiphini lemeya nosomlomo.
Kusukela kuqale izingxoxo zamaqembu zokwakha uhulumeni wenhlanganisela kulo masipala nakwabanye, kuningi osekuke kwavela mayelana namaqembu avumelanayo ukwakha uhulumeni wokuphatha kulo masipala. ILANGA like labika ngeledlule ukuthi phakathi kwemithombo epotshozayo, kuvela elokuvume- lana phakathi kweDA ne-IFP, kanti nokuvumelana phakathi kweMK Party i-ActionSA ne-EFF.
Kulindeleke ukuba namhlanje ngoMsombuluko, i-ANC icacise ukuthi izosebenzisana namaphi amaqembu. Umthombo weLANGA osondelene nezingxoxo eziqhubekayo, ulipotshozele ukuthi kunesiphakamiso sokuthi imeya yeTheku kube nguMnu Mxolisi Phakathi weMK Party, iphini lemeya kube nguMnu Zwakele Mncwango we-ActionSA, bese kuthi usomlomo kuqhubeke uMnu Thabani Nyawose we-ANC. Lesi siphakamiso sibheke ukuthi uma amaqembu ahambi- sana neMK Party evumelana, i-EFF ithathe isikhundla sokuhola ikomidi,” kusho umthombo.
Uthi maningi amathuba okuthi isinqumo esithathwa ngamaqembu avumelanayo kusasa, siklapakele nakwabanye omasipala abalengayo. Omasipala abakhulu abalengayo (abanganqotshwanga yiqembu elilodwa) KwaZulu-Natal, kubalwa uMsunduzi, uMhlathuze nowaKwaDukuza.
Umhlaziyi wezepolitiki uMnu Zakhele Ndlovu (osesithombeni), uthe okumqoka ngokuvumelana kwamaqembu wukwakha uhulumeni ozoba nozinzo.
“Akukho esingakusho ngokuvumelana kwamaqembu. Ngokubona kwami, amaqembu azosebenzisana neMK Party, azobhekana nezingqinamba njengoba iyiqembu elisenezinkinga eziningi ngaphakathi,” esho.
UNdlovu uthe okukhathazayo ngohulumeni oneMK Party, wukuthi kungase kukhubaze umnotho.







