Ilanga News
Home 9 Izindaba 9 Unqatshelwe ibheyili osolwa ngokubulala abangani

Unqatshelwe ibheyili osolwa ngokubulala abangani

by | 20 January 2025

KUVELE ukuthi ubekhithiza namathikithi eLotto esejele uMnu Lungani Mthethwa enqatshelwa ibheyili yiNkantolo yeMantshi yaseThekwini.

Kuse ngokunye ngesikhathi imantshi kuleli cala uMnu Ashwin Singh enqabela uMthethwa ibheyili waveza nokuthi akazange athembeke enakntolo ngezinto eziningi eziphathelene nempilo yakhe.

Kuzokhumbuleka ukuthi uMthethwa ubhekene necala lokubulala abangani okungoNkz Anele Mbokazi noMkz Zizipho Gabhisa esigamekweni esenzeka ngonyaka odlule.

Imantshi ngaphambi kokuba ikhiphe isinqumo ikhale ngezinto eziningi esicelweni sikaMthethwa okubalwa kuzona indaba yezingane eziwu 6 athi uyazondla.

Inkantolo ikhale ngokuthi kulezi zitifiketi ezilethwe phambi kwayo, abukho ubufakazi obuqinisekisa ukuthi nguyena ubaba wazo nokuthi uyazondla.

Ithi kayizange ithole ngisho izincwadi ezivela konina bezingane eziqinisekisa ukuthi ngezakhe izingane.

Imantshi iphinde yakhala nangendaba yomuzi athi uhlala kuwona nethe abukho ubufakazi obuphambi kwayo obuhlanganisa itayitela obuqinisekisa ukuthi ngumuzi wakhe lona.

Iveze ukuthi akukho ngisho amaphepha asebhange aveza ukuthi uyawukhokhokhela lo muzi noma incwadi yesivumelwano sokudayiselana.

Imantshi ithe ummeli kaMthethwa uveze ukuthi akasitholanga isikhathi esanele sokuthola la maphepha okuxakayo wukuthi ukwaze kanjani ukuthola isikhathi sokuqoqa lezi zitifiketi.

Imantshi iveze nokuthi ngokwesitatiende sasebhange, kuvela ukuthi uMthethwa ubekhithiza ngekhadi lakhe okuxakayo ngoba ungaphakathi ejele.

Iveze ukuthi ngoNovember wangonyaka owedlule, kuvela ukuthi wakhokhela ithikithi lebhanoyi.

Uthi kuyavela nokuthi khona lapho belikhokha khona emagalaji.

Iveze nokuthi khona lapho kuvela ukuthi ubethenga amathikithi eLotto.

Imantshi ithe uMthethwa akabuvezanga ubufakazi bokuthi akuyena obesebenzisa ikhadi lakhe.

Imantshi ikhale ngokuthi kuningi okungaqondakali nangomsebenzi wakhe wokuhweba ngakho iyakholelwa ukuthi uMthethwa akazange athembeke ngezinto eziningi efaka isicelo sebheyili.

Ibe isimqabela ibheyili.

UMvu Mvuselelo Mbokazi okhulumela umndeni wakwaMbokazi uthe bajabule kakhulu ngesinqumo senkantolo sokunqabela uMthethwa ibheyili.

Ezisematheni

Akhonzele ehholo amaNazaretha ‘axoshwe ethembelini’

Akhonzele ehholo amaNazaretha ‘axoshwe ethembelini’

KUBHUNTSHE inkonzo yokubusisa ithempeli ebihlelwe ngamaNazaretha aseKuphakameni, aholwa yiNkosi uVukile “iNcoyincoyi” Shembe, ngenxa yombango wendawo ophakathi kwalolu hlangothi nolwaseBuhleni, oluholwa yiNkosi uMduduzi “Nyazilwezulu” Shembe.  Le nkonzo obekumele ibe...

Kutholwe isidumbu solimale ‘eqhumisa imoto yemali’

Kutholwe isidumbu solimale ‘eqhumisa imoto yemali’

KUTHOLAKALE imoto nesidumbu somsolwa oyanyansiwa nesigameko sokubanjwa kwemoto yemali esigamekweni esenzeke edolobheni laseKranskorp izolo ngoMsombuluko.  Ngokombiko wamaphoyisa, le sidumbu sitholakale namuhla emgwaqweni oowubhuqu obheke eNkandla,  eduze komfula...

Ukhuthaza eyokuhlonipha abagibeli ohlabane ngowomshayeli ovelele

Ukhuthaza eyokuhlonipha abagibeli ohlabane ngowomshayeli ovelele

KUSUKELA kwesobunxele nguMnu Lindani Shandu, olale isibili, nguMnu Bongani Malimela onqobe umklomelo wokuba ngumshayeli ovelele noMnu Sithembiso Zikalala olale isithathu. AYILOKOTHI itekisi ngoMgqibelo inhlalisuthi enqobe umklomelo wokuba ngumshayeli wetekisi ovelele...