Ilanga News
Home 9 Featured 9 Amaphoyisa adubule abulala abanye abasolwa eNanda

Amaphoyisa adubule abulala abanye abasolwa eNanda

by | 12 May 2025

AMAPHOYISA aphinde adubula abulala abanye abasolwa abathathu abebesolwa ngamanye amacala okubulala endaweni yaseZimbabwe Maoti eNanda ngoMsombuluko emini.

Ngokusho kwamaphoyisa laba basolwa bayingxenye yalabo ababoshwa ngenyanga eyedlula eCator Manoro njengoba kusukela lapho abelokhu esezithendeni zabo njengoba oyedwa wabo waphunyuka kancane ngesikhathi kuboshwa laba.

“Amaphoyisa akwazile ukusebenzisa ulwazi lobunhloli nangokubambisana namalungu omphakathi ukuze afinyelele emzini lapho laba basolwa bebecashe khona,” kusho uColonel Robert Netshiunda okhulumela amaphoyisa aKwaZulu Natal.

Uqhube ngokuthi ngesikhathi amaphoyisa esondela kulo muzi abasolwa bavulele ngenhlamvu bebhekise kuwona becashe eduze kwamawindi.

“Amaphoyisa nawo aphendulile ngokuziphindiselela kwabe sekushona laba basolwa abathathu,” kusho yena enanela ngokuthi umsolwa owaphunyuka eboshwa ngamaphoyisa ngenyanga eyedlule ubengomunye wabaholi baleli qeqeqbana lezigilamkhuba ebeselihluphile ezindaweni eziseNanda namaphethelo.

“Kutholakale izibhambu ezintathu endaweni yesigameko ebeziphethwe yilaba basolwa,” kuveza uNetshiunda ephetha ngokuthi awekho amaphoyisa alimalile kulesi sigameko.

Kuzokhumbuleka ukuthi kubulawa laba basolwa nje ngeSonto kusihlwa amaphoyisa abulale abanye abasolwa abahlanu endaweni yaseMophela eHammersdale abathinteka kwamanye amacala ezindaweni ezahlukene.

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...