Ilanga News
Home 9 Featured Main 9 Amakhosi afuna ‘lufakelwe izibuko’ udaba lwelobolo

Amakhosi afuna ‘lufakelwe izibuko’ udaba lwelobolo

by | 26 November 2025

YISilo uMisuzulu, nguNgqongqoshe wezokuBusa ngokuBambisana nezoMdabu KwaZulu-Natal, uMfu Thulasizwe Buthelezi, neNkosi uMbuso Ngcobo ebigcotshwa.
ISITHOMBE NGU: JOHN HLONGWA

ABAHOLI boMdabu abangaphansi kukaMasipala wesiFunda uGu, eningizimu yeKwaZulu-Natal, sebenxuse iSilo uMisuzulu kaZwelithini, ukuthi sijube ochwepheshe nezazi zamasiko, kubuyekezwe kabusha ilobolo.

Isicelo samakhosi sidluliselwe eSilweni yiNkosi uMbuso kaBhekamazulu Ngcobo, wesizwe saMaNyuswa, obegcotshwa yiMbube, eMgangeni, eMzinto, ngoMgqibelo. INkosi uNgcobo, ithi sekukaningi beludingida udaba lokudula kwelobolo bengamakhosi esifunda uGu.

“Hlanga lomhlabathi, nazi izimbali zesizwe, amatshitshi, esiziqhenya ngawo, ngoba asazigcinile, ahamba uMkhosi woMhlanga. Manje lezi zingane zethu, ziyolotsholwa ngubani uma ilobolo lidula kangaka?

“Besiphakamisa ukuthi ilobolo libhekisiswe Mngun’ omnyama, amabhungu nezinsizwa, abafuna ukulobola bangaklinyeki, bagcine sebelahla ithemba. Ukudulisa ilobolo kunomthelela ekutheni asebeshadile bangahlalisani kahle ngoba indoda ngephutha elincane nje elenziwa ngumkayo, ivele imkhumbuze ukuthi yayilala ingadlile, ibeka imali yokumlobola,” kusho iNkosi uNgcobo.

Ngelobolo kusuke kwakhiwa ubuhlobo njengoba uSolwazi uJabulani Maphalala, ethi umuntu emandulo wayeganiselwa noma engenazo izinkomo.

“Inhloso wukwakha ubuhlobo, ngoba kunesisho sesiZulu esithi, umuntu akathengwa, kuphinde kuthiwe umkhwenyana yisigodo sokuxebula, ilobolo kaliqedwa. Manje usuthola indoda ithi indodakazi yayo ineziqu zasenyuvesi futhi isebenza kahle, ibize enkulu imali lena.

“Emandulo, kusadliwa ngoludala, wawuletha lokho onakho ngoba kwakwakhiwa ubuhlobo, noma ulethe umbila, amadumbe, ubhatata, izindlubu, lokho nje okutshalile. Umlungu oqhamuke nelobolo, uSomtsewu (Sir Theophelus Shepstone) ngo-1869, ushaye umthetho wokuthi umuntu phaqa, ingane yakhe ilotsholwe ngezinkomo eziwu-11, induna ilotsholelwe ngeziwu-15, amakhosi kusuke ku-20 kuya phezulu.

“Uma amakhosi efuna kube nesithangami nohlaka oluzocwaninga ngelobolo, kufanele kuthakwe abantu abazokwazi, ukubheka lolu daba ngeso elibanzi ngoba ilobolo akulona isiko, liyindlela yokwakha ubuhlobo, kodwa seliphendulwe laba sengathi yisiko elisetshenziswa budedengu,” kuchaza uSolwazi Maphalala.

Ingwevu yenkosi esibe sesihlalweni iminyaka ewu-47, iNkosi uBhekizwe kaVelangaye Biyela, wesizwe saseMahlayizeni, eNkandla, ithi siyadingeka isithangami sokuxoxa ngelobolo ngoba isikhathi samanje kasisefani nesakuqala, sekubhoke ububha.

“Ukudula kwelobolo kuba nomthelela omubi empilweni yabantu, ngoba abanye bagcina sebekipita ngoba bayathandana, kodwa isimo somnotho kasivumi ukuthi balobolane. Njengabantu siyazi ukuthi umuntu usingethwe ngabantu abangasekho (amadlozi akubo), uma ingane yentombazane ihamba iyohlala nomuntu engayilobolile, lokho kungayilandela ulaka lwabangasekho.

“Ziyadingeka izindlela zokulawula ilobolo, kodwa kufanele kuxoxiswane, kuvunyelwane, sazi ukuthi sisebenza ngaphansi kwasiphi isisekelo,” kusho iNkosi uBiyela.

UMntwana uThulani kaGqikazi Zulu, okhulumela iNdlunkulu kaZulu, uthi udaba lwelobolo luyindida ngoba akwenziwa ngendlela efanayo ezindaweni ezahlukene.

“Kufanele amakhosi asoGwini akhale ngelobolo ngoba kuleya ngxenye yezwe, uma ulobola khona kubizwa nezinto ezingabizwa kwezinye izindawo,” esho.

Ezisematheni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...

Inanda isazihola kwawokudlwengula neCator Manor kwawokubulala

Inanda isazihola kwawokudlwengula neCator Manor kwawokubulala

UKHOMISHANA wamaPhoyisa obambile kwaZulu-Natal, uMajor General Phumelele Makhoba udalule ukuthi zehlile izibalo zokubulawa kwabantu esifundazweni, kodwa kunyuke ezamacala okushayana  kwabo. Uthe yize izibalo zokubulawa kwabantu zehlile kodwa basakhathazwa...

UNdunankulu ubengazi ngabokufika abahlala emgwaqweni uChe Guevara

UNdunankulu ubengazi ngabokufika abahlala emgwaqweni uChe Guevara

UYAZIHLANGULA uNdunankulu waKwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli, ukuthi ubenolwazi ngabantu bokufika eNingizimu Afrika asebehlale ngaphambi kwamahhovisi oMnyango wezaseKhaya emgwaqweni uChe Guevara eThekwini izinyanga ezine. UNtuli ubeyohlola ngala bantu asebakhe...