
IZINKUMBI zabantu zigcwale izitaladi zedolobha iNquthu zizokwamukela iqhawe lazo uSweet Guluva onqobe ohlelweni lukamabonakude iBig Brother MzansiS5.
NgoMgqibelo kume yonke into kuleli dolobha njengoba bekunomcimbi wokwamukela uGuluva ogamalakhe langempela u-Akhonamathemba Mbhele obusezinkundleni zemidlalo kulona leli dolobha.
Lo mcimbi ubuhlelwe nguMasipala waseNquthu njengoba uGuluva edabuka ngaphansi kwawo lo masipala.
Abantu badele imvula nodaka ukuzothamela lo mcimbi obuhanjelwe izicukuthwane zamazinga ahlukene okuhlanganisa noNgqongqoshe wezobuCiko namaSiko KwaZulu Natal uMnu Mntomuhle Khawula.

Lo mcimbi ubuhanjelwe nangabalandeli bakaGuluva abaqhamuka eBotswana njengoba nabo befike bamnika nezipho kanye nesheke lika-R50 000.
IMeya yaseNquthu uMnu Zama Shabalala naye ubonge uGuluva ngokubeka iNquthu kwibalazwe wabe esemnika isipho sesithombe athe siqhamuka kumakhansela alo masipala neziphathimandla zawo.
UGuluva ezibongela uthe akasenawo amazwi okubonga njengoba selokhu aphuma kulolu hlelo izinto ezinhle zisalokhu zimehlela.
Utshele izinkumbi zabantu ukuthi ubonga akaphezi ngothando abantu abasaqhubeka nokumkhombisa lona.
UMthandeni SK ungomunye wabaculi abanandisile kulo mcimbi nabaculi bendawo.







