Ilanga News
Home 9 Featured 9 ‘I-GNU kayilutho ngaphandle kwe-DA’

‘I-GNU kayilutho ngaphandle kwe-DA’

by | 5 December 2024

UKUPHUMA kweDA kuhulumeni wenhlanganisela yamaqembu, edume ngeleGovernement of National Unity (GNU), kungaqumba phansi umnotho wakuleli.


Lesi yesexwayiso sikaNkk Helen Zille oyiFederal Chairperson yeDA, asenze engcoxweni ohlelweni iFaceTheNation kuleli sonto. UNkk Zille uthi inhlanganisela ye-ANC, i-EFF neMK Party – athi ifunwa yiSekela likaMengameli uMnu Paul Mashatile – ingaqumba phansi umnotho wezwe.


“Uma siphuma kwiGNU, kungaba khona uhulumeni ohlanganiswe ngamaqembu amancane, ongenalo uzinzo, noma inhlanganisela ye-ANC, i-EFF neMK Party, efunwa nguMashatile. Inhlanganisela yalawa maqembu ingawisa umnotho wezwe kungakapheli ngisho isonto,” kusho uNkk Zille.


Uthe uma iDA ingaseyona ingxenye kahulumeni, abatshalimali bazobaleka, futhi izwe lingaxoswa ekubeni yinxenye yesivumelwano sohwebo seMelika, i-AGOA (African Growth and Opportunity Act).

UZille ukhuluma kanjena nje, uNobhala-Jikelele we-ANC uMnu Fikile Mbalula usanda kutshela iDA ukuthi mayiphume kwiGNU uma izobukela phansi ubumbano lwamaqembu akuhulumeni.

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...