Ilanga News
Home 9 Featured 9 ‘I-GNU kayilutho ngaphandle kwe-DA’

‘I-GNU kayilutho ngaphandle kwe-DA’

by | 5 December 2024

UKUPHUMA kweDA kuhulumeni wenhlanganisela yamaqembu, edume ngeleGovernement of National Unity (GNU), kungaqumba phansi umnotho wakuleli.


Lesi yesexwayiso sikaNkk Helen Zille oyiFederal Chairperson yeDA, asenze engcoxweni ohlelweni iFaceTheNation kuleli sonto. UNkk Zille uthi inhlanganisela ye-ANC, i-EFF neMK Party – athi ifunwa yiSekela likaMengameli uMnu Paul Mashatile – ingaqumba phansi umnotho wezwe.


“Uma siphuma kwiGNU, kungaba khona uhulumeni ohlanganiswe ngamaqembu amancane, ongenalo uzinzo, noma inhlanganisela ye-ANC, i-EFF neMK Party, efunwa nguMashatile. Inhlanganisela yalawa maqembu ingawisa umnotho wezwe kungakapheli ngisho isonto,” kusho uNkk Zille.


Uthe uma iDA ingaseyona ingxenye kahulumeni, abatshalimali bazobaleka, futhi izwe lingaxoswa ekubeni yinxenye yesivumelwano sohwebo seMelika, i-AGOA (African Growth and Opportunity Act).

UZille ukhuluma kanjena nje, uNobhala-Jikelele we-ANC uMnu Fikile Mbalula usanda kutshela iDA ukuthi mayiphume kwiGNU uma izobukela phansi ubumbano lwamaqembu akuhulumeni.

Ezisematheni

Induna isola u-Dkt Zweli  Mkhize ngokugaqela isikhundla

Induna isola u-Dkt Zweli Mkhize ngokugaqela isikhundla

ISUSE ukukhuluma ezinkundleni zokuxhumana enye yezinduna zezinsizwa kwaMandlakazi, kwaNongoma, uMnu Nkosikhona Ndabandaba, odume ngelikaPhakel'umthakathi. UPhakel'umthakathi onabalandeli abaningi ku-facebook, usole uDkt. Zweli Mkhize, ngokugaqela isikhundla eNdlunkulu...

Izovela enkantolo “inkabi” esolwa ngokusebenzisana nephoyisa

Izovela enkantolo “inkabi” esolwa ngokusebenzisana nephoyisa

KULINDELEKE ukuba ivele ngoLwesihlanu eNkantolo yeMantshi yaseMzimkhulu 'inkabi' esolwa ngosebenzisana nephoyisa lase-siteshini saseMzimkhulu oSayitsheni Ntokozo Mngqithi, obhekene necala lokubulala ingoduso yakhe uSayitsheni Ntombi Mbanjwa, eyayiyiphoyisa khona...