Ilanga News
Home 9 Featured 9 Babalisa ngokuzwa kwabezindaba ngokuzibulala kwendodana yabo

Babalisa ngokuzwa kwabezindaba ngokuzibulala kwendodana yabo

by | 5 October 2025


UTHI uqale ukuzwa emithonjeni yabezindaba nasezinkundleni zokuxhumana, ngokudlula emhlabeni kwelungu lawo umndeni kaMnu Nathi Mthethwa, obeyinxusa laseNingizimu Afrika, eFrance, okusabalale izindaba zokudlula kwakhe ngoLwesibili.
Ukuphatheka kabi komndeni kuvezwe nguMnu Musawokuphila “Gcoba” Mthethwa, onguyise
omncane kaNathi, oke waba ngungqongqoshe eMnyangweni wamaPhoyisa nakowezobuCiko, amaSiko, ezokuNgcebeleka nezeMidlalo eNingizimu Afrika, eminyakeni eyedlule.


UMthethwa uthe bagcine ngokuthola ngocingo kobethunywe ngumalokazane wabo, uNkk Phili-siwe Mthethwa “uMaButhelezi”, ebazisa ukuthi mabahlangane ngokushesha bewumndeni, ngoba kunezindaba eziphuthumayo abefuna ukuzethula kubona.


“Lokhu sikuthole ngobekhulumela umakoti eFrance,” kusho uMthethwa.
Uthi kuthe besaya ngasekhaya elikhulu eMpangeni, namanye amalungu omndeni engakabike-lwa, kwavela imibiko yokushona kukamufi ngezindlela eziningi, ezindabeni nesezinkudleni
zokuxhumana.
“Thina njengomndeni asikatholi imininingwane egcwele ngokwe-nzekile, okuholela ekudluleni kwakhe emhlabeni, kodwa sibona kwabezindaba, okuyibona asebesihambela phambili, bechaza zonke izigameko esingakatshelwa ngazo,” kukhalaza uMthethwa.


Uthe bebesa-linde umakoti noma othile, ozobatshela ngokwehlele indodana yabo.
“Empeleni siphatheke kabi kakhulu ngalo-khu okwenzekile,njengoba nezinye zezingane zakhe zithole ngale ndlela ngokudlula kukayise.”
Uthe okwamanje umndeni
usazolinda umbiko ogcwele kumakoti uMaButhelezi, okunguyena obehlala nomufi eFrance.
“Kuzothi uma sesithole umbiko ogcwele, nathi sesihlangene sonke njengomndeni, bese siqoka ozokhulumela umndeni, sikwazi ukukhuluma ngazwi linye, sitshele umphakathi okwenzekile.”
Utshele leli phephandaba
ukuthi kubethusile nokuthi
uhulumeni ne-ANC, basheshe bakhiphe izitatimende bengakayi nasemagcekeni akwaMthethwa.
“Akekho obesaqhamuke kuhulumeni, wazokhuluma nathi, kanjalo nabeqembu lakhe bebengakafiki ukuzosibona.”
UMthethwa uthi bagcine ukuba nomufi ngesikhathi kunesifo kubo ezinyangeni ezintathu ezedlule.
“Nakuba ebengasajwayele
ukufika ekhaya, kodwa ubexhumana namalungu omndeni.”  
UMnyango wezobuDlelwano baMazwe ukhiphe isitatimende, wadlulisa amazwi enduduzo
emndenini nakubona bonke abebesondelene noMthethwa.
Ne-ANC izwakalise ukushaqeka ngokwenzekile. Baningi nabanye ababhonge emswanini ngalesi
sigameko.
Kuvela lezi zindaba zokudlula emhlabeni kukaMthethwa nje, igama lakhe belisematheni ngeledlule, ngesikhathi uMkhuzi wamaPhoyisa aKwaZulu-Natal, uJenene Nhlanhla Mkhwanazi, emveze njengomunye wabebe-gxambukela ekusebenzeni kwamaphoyisa ngesikhathi esaphethe lo mnyango, kusaphe-the uMengameli Jacob Zuma.
UMkhwanazi ubekhuluma
kwiKhomishini yeJaji eselithathe umhlalaphansi, uMbuyiseli Madlanga. 

Ezisematheni

Ungqongqoshe uvakashele indawo yenhlekelele eBuhleni

Ungqongqoshe uvakashele indawo yenhlekelele eBuhleni

UNGQONGQOSHE wezokuBusa ngokuBambisana nezoMdabu KwaZulu-Natal uMfu Thulasizwe Buthelezi uvakashele ebandleni laseNazaretha eBuhleni eThekwini namhlanje eyobheka isimo njengoba lelibandla lehlelwe umshophi ngesonto eledlule kwabhidlika isakhiwo esilimaze abantu...

Bahlele ingqungquthela yokudodis abafana ezikoleni

Bahlele ingqungquthela yokudodis abafana ezikoleni

UKUZAMA yikulwisana nobugebengu nokuzama ukucija intsha, kwenze izinhlangano ezimbili ezingenzi nzuzo ukuba zihlanganyele nezikole ezahlukene ezakhele ilokishi KwaMashu, ngenhloso yokudodisa abafana. Lezi zinhlangano - iSigungu Sezinsizwa neSiyabadodisa - zihlele...

Isigungu sobukhosi sikhiphe ingonyuluka ngokuphikisa ukuqokwa kwayo

Isigungu sobukhosi sikhiphe ingonyuluka ngokuphikisa ukuqokwa kwayo

Isigungu sezindlu zobukhosini baseMathulini eMgababa esithangamini sabezindaba eThekwini. SEZIVEZE okusha izindlu zobukhosi baseMathulini eMgababa ngombango wobukhosi bakulesi sizwe emuva kokuba uhulumeni wemukele iNkosi uMazwendoda Luthuli ozalwa inkosi ekhothame...