Ilanga News
Home 9 Izindaba 9 Amabutho azoqhinqa ngaphandle kwamahhovisi eNgonyama Trust eMgungundlovu

Amabutho azoqhinqa ngaphandle kwamahhovisi eNgonyama Trust eMgungundlovu

by | 9 January 2025

Kuzobe kuminyene utshumo ngoLwesihlanu eMgungundlovu, ngaphandle kwamahhovisi eNgonyama Trust, njengoba kulindeleke ukuthi izinkumbi zamabutho kaZulu, zibuthane khona.

Ngokwesitatimende esikhishwe nguMntwana uVanana Zulu, njengoMdidiyeli wamabutho kaZulu, kukhona izimpendulo abazifunayo kwiNgonyama Trust Board, lena esihlakazwa.

UMntwana uVanana, uthi bazobe beyoqhingqa, hhayi ukuyobanga umsindo.

Uthi bameme bonke abahlomulayo kwiNgonyama Trust, nabathintekayo ekusebenzeni kwayo.

Phakathi kwezinto abafuna ukucaciselwa zona, yisithunzi seSilo uMisuzulu kaZwelithini, njengoSihlalo weNgonyama Trust.

Bafuna ukuchazelwa ngeqhaza namandla eNgonyama Trust Board, okuwuhlaka olulawula iBhodi.

Ukucaciselwa ngamalungelo abahlomula kwiNgonyama Trust nakho kuseqhulwini.

Abazobe beqhinqile bafuna ukuchazelwa futhi kucaciswe ngezinsolo zokuthi omunye umhlaba ongaphansi kweNgonyama Trust, wathengiswa ngo-R22 million.

Bakhala nangokuthi iSilo sisathamele imihlangano emithathu kuphela yeNgonyama Trust, ekubeni kuyisona okufanele sibize imihlangano njengoSihlalo weBhodi.

Ezisematheni

Umkhuleko ubuyise ithemba ngokhetho kuNdunankulu wase-KZN

Umkhuleko ubuyise ithemba ngokhetho kuNdunankulu wase-KZN

UNDUNANKULU waKwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli uthe ukhiye okhethweni olunokuthula nolukhululekile, kuzoba ukukhula kwezombangazwe nokubekezelelana kumaqembu epolitiki. UNtuli ubekhuluma emkhulekweni, lapho  bekuthandazelwa  ukubulawa kosopolitiki...

Bazibophezele okhethweni olunokuthula KwaDukuza

Bazibophezele okhethweni olunokuthula KwaDukuza

AZIBOPHEZELE ukuqinisekisa ukhetho olungachemile futhi olunokuthula amaqembu azobanga izikhundla zobukhansela kuMasipala waKwaDukuza, okhethweni lohulumeni basekhaya olungoLwesithathu oluzayo lomhla ka-4 kuLwezi (November). Lokhu kwenziwe esigcawini...