Ilanga News
Home 9 Izindaba 9 Amabutho azoqhinqa ngaphandle kwamahhovisi eNgonyama Trust eMgungundlovu

Amabutho azoqhinqa ngaphandle kwamahhovisi eNgonyama Trust eMgungundlovu

by | 9 January 2025

Kuzobe kuminyene utshumo ngoLwesihlanu eMgungundlovu, ngaphandle kwamahhovisi eNgonyama Trust, njengoba kulindeleke ukuthi izinkumbi zamabutho kaZulu, zibuthane khona.

Ngokwesitatimende esikhishwe nguMntwana uVanana Zulu, njengoMdidiyeli wamabutho kaZulu, kukhona izimpendulo abazifunayo kwiNgonyama Trust Board, lena esihlakazwa.

UMntwana uVanana, uthi bazobe beyoqhingqa, hhayi ukuyobanga umsindo.

Uthi bameme bonke abahlomulayo kwiNgonyama Trust, nabathintekayo ekusebenzeni kwayo.

Phakathi kwezinto abafuna ukucaciselwa zona, yisithunzi seSilo uMisuzulu kaZwelithini, njengoSihlalo weNgonyama Trust.

Bafuna ukuchazelwa ngeqhaza namandla eNgonyama Trust Board, okuwuhlaka olulawula iBhodi.

Ukucaciselwa ngamalungelo abahlomula kwiNgonyama Trust nakho kuseqhulwini.

Abazobe beqhinqile bafuna ukuchazelwa futhi kucaciswe ngezinsolo zokuthi omunye umhlaba ongaphansi kweNgonyama Trust, wathengiswa ngo-R22 million.

Bakhala nangokuthi iSilo sisathamele imihlangano emithathu kuphela yeNgonyama Trust, ekubeni kuyisona okufanele sibize imihlangano njengoSihlalo weBhodi.

Ezisematheni

UNtuli ucacisa eyokungaklonyeliswa kukaMkhwanazi

UNtuli ucacisa eyokungaklonyeliswa kukaMkhwanazi

UNDUNANKULU waKwaZulu-Natal, uMnu Thami Ntuli, ucacise ngokungaklonyeliswa koMkhuzi wamaPhoyisa waKwaZulu-Natal, uJenene Nhlanhla Mkhwanazi, emcimbini wokuklomelisa izisebenzi zikahulumeni, iminyango, omasipala baseKZN, izinhlangano ezingayenzi inzuzo nosomabhizinisi...

Lizovulwa ngenyanga ezayo iwindi lokubhalisela ukuvota ezikhungweni

Lizovulwa ngenyanga ezayo iwindi lokubhalisela ukuvota ezikhungweni

LIZOVULWA ngomhla ka-1 no-2 wenyanga ezayo iwindi lokubhalisela ukuvota okhethweni lohulumeni basekhaya olungoLwezi (November). Lokhu kuqinisekiswe yinhlangano eyengamele ezokhetho kuleli, i-Electoral Commission of South Africa (IEC), ngempelasonto. Kuzokhumbuleka...

Kukhuzwa abasabalalisa okungaqinisekisiwe ngolukaDkt Mahlaba

Kukhuzwa abasabalalisa okungaqinisekisiwe ngolukaDkt Mahlaba

UMNDENI unxusa umphakathi nabezindaba ukuba bayeke ukusabalalisa izinsolo nemibiko engaqinisekisiwe ngokudlula emhlabeni kukaDkt Ntuthuko Mahlaba (osesithombeni), okuvela ukuthi ushayiswe yimoto ngoMgqibelo ekuseni ngesikhathi ezivaocavoca. Isitatimende somndeni...