Ilanga News
Home 9 Featured 9 Ubonga abangani abamthathele isikweletu ophothule ezobumeli

Ubonga abangani abamthathele isikweletu ophothule ezobumeli

by | 20 September 2026

UBONGE abangani bakhe besifazane aqala nabo ukwenza izifundo zomthetho, abamthathela isikweletu sika-R40 000 ebhange ukuze aqedele izifundo zakhe ngemuva kweminyaka eyishumi, obethweswa iziqu zomthetho.

UMnu Lungelo Hlongwane (29), ubengomunye wezitshudeni eziwu-1665, ezethweswe iziqu yisikhungo semfundo ephakeme i-University of KwaZulu-Natal (UKZN), emcimbini oqalwe ngoLwesibili waphothulwa ngoLwesithathu. UHlongwane, odabuka esigodini saseGobhogobho, eNkwezela, eBulwer, waqala ukwenza izifundo zomthetho ngo-2016 kodwa uhambo lwakhe lwemfundo lwangaba lula njengoba kunezikhathi lapho ayeka khona ukufunda ngenxa yokuswela uxhaso.

Elandisa ILANGA uthi ukuzibophezela nokuzazi ukuthi ufunani empilweni, yikho okumgqugquzele ukuba akulwele ukuphothula izifundo zakhe.

“Ngaphothula uMatric ngo-2014 kodwa isikole ngaze ngasithola ngo-2016, nalapho ngifunda nje uxhaso kanginalo. Kwakumele ngiphothule ngo-2020 kodwa ngeshwa kwaba khona izifundo engingaphumeleli kuzo. “Ngathi ngiyabuyela ngiyobhalisa ngo-2021, esikoleni bangitshela ukuthi igama lami kalikho ezitshudenini ezizothola uxhaso. Bangeluleka ngokuthi ngifake isicelo sokubuyekezwa kwesinqumo sokungalutholi uxhaso, ngakwenza lokho kodwa kuze kube yimanje kayikaze ibuye impendulo,” esho.

Uthi kwaphoqa ukuba ashiye phansi ayozama amatoho. Uthi ngonyaka olandelayo, waqoka ukukhohlwa ezomthetho wayobhalisa izifundo zeBA in Government Administration and Development, e-Unisa kodwa nakhona wafunda unyaka owodwa, washiya phansi ngenxa yokungabi nalo uxhaso. Uthi wathola umsebenzi efemini yokwakha amanabukeni ezi- ngane, okuyilapho abuyelwa kho- na wuthando lokuqedela izifundo zakhe.

“Kule femu sasihlukunyezwa, amalungelo ezisebenzi kuyinto enganakwa. Lokhu ngangikunaka ngoba ngase ngike ngalunguza esikoleni somthetho. Kulapho-ke ekwavuka khona uthando lokuyoqedela izifundo zami. Ngaxhumana nabangani bami esasifunda nabo asebengabameli. Ngathi uma ngibatshela ngesifiso sokuqedela izifundo zami, basukumela phezulu, ngakwazi ukukhokha u-15% wesikweletu enganginaso esikhungweni, ngabhalisa ngaqhubeka nokufunda ngo-2024,” esho.

UHlongwane uthi ngeshwa kwasala isifundo esisodwa, wangaba nayo imali yokukhokha, wabuyela kubo. Uthi kulapho athola khona umsebenzi enkontilakini ebeyilungisa umgwaqo u-R617, eBulwer. Uthi wakwazi ukonga imali ngenhloso yokuthi abhalise ekuqaleni kwalo nyaka.

“Ngakwazi ukubeka imali ewu-R15 000 ngithi ngizokhokha u-15% futhi ngiqhubeke nokufunda. Ngebhadi ngafika lokho sekushintshile, bangifuna itshe lemali engangingenalo. Ngabuyela kubo abangani bami ngibazisa, bavele bavumelana ngokuthi oyedwa uzosebenzisa igama lakhe ukungithathela isikweletu ebhange. Ngempela wangithathela u-R40 000.

“Kuwo lowo nyaka udadewethu wathola ibhonasi, wanginika yona yonke, ngakwazi ukuqedela ukufunda njengoba ngithweswa iziqu.”

UHlongwane ubonge kakhulu ukwesekwa akuthola kubangani bakhe nomndeni. Ugqugquzele intsha ukuba ingapheli amandla ekulweleni impumelelo. Uthi njengamanje usebenza ehhovisi lomngani wakhe iSimile Ndimande and Company Attorneys, eThekwini.

Ezisematheni

‘Ubulawe wugesi’ evakashelwe yintombi

‘Ubulawe wugesi’ evakashelwe yintombi

ASABAMBE ongenzansi amalungu omphakathi wakwa-V, ezakhiweni eZimeleni, eMlazi, ngowesilisa okuthiwa ushokhwe wugesi washona belungiselela ukuyolala nentombi entsha, ethi ifike endlini yakhe izomqoma. Umndeni kamufi uMnu Philani Mkhungo (36), uthi usele nemibuzo...

Umlingisi ufisa abaphila nokhubazeka baqashwe ezinkampanini

Umlingisi ufisa abaphila nokhubazeka baqashwe ezinkampanini

UMLINGISI wakumabonakude uMenzi Nxumalo uthi kuningi okusadingeka ukuba kwenzelwe abantu abaphila nokukhubazeka ukuze nabo bazibone beyingxenye yomphakathi. Enhlangnweni ayisungulile engenzinzuzo iNokusa Support for Disabled People uthi ibhekela izidingo iphinde futhi...

UMalema uthi abavoti abakhohlwe uMandela akasekho

UMalema uthi abavoti abakhohlwe uMandela akasekho

UMENGAMELI we-Economic Freedom Fighters (EFF), uMnu Julius Malema uthi uzoyiphinda kabili impesheni yabantu abadala uma benikwa ithuba ngabavoti. Ubekhuluma kumhlahlandlela wezethembiso zaleli qembe eJL Dube stadium, eNanda ngoMgqibelo. Uthe njengoba behola u-R2400...