Ilanga News
Home 9 Featured 9 Kukhalwe ngengqinamba yamanzi kuhalaliselwa izikole zaseNtuzuma

Kukhalwe ngengqinamba yamanzi kuhalaliselwa izikole zaseNtuzuma

by | 17 February 2026

KUHALALISELWE izikole nothisha baseNtuzuma namaphethelo abakhiqize imiphumela emihle kamatikuletsheni ngonyaka owedlule nakuba bebefundisa ngaphansi kwengcindezi yezingqinamba ezahlukene ebeziphazamisa ukusebenza kwabo.

NgoLwesihlanu bekuhlelwe umcimbi wokuklomelisa labo thisha nezikole eziyi-11 ezingaphansi kwesekhethe yaseNtuzuma emcimbini obusesikoleni iJL Dube High School KwaMashu.

Kulo mcimbi othisha nothishanhloko bezikolo bebeswenke beconsa ukuzoklonyeliswa ngokusebenza kwabo ngokuzikhandla nokukhiqiza imiphumela emihle ebangeni leshumi langonyaka owedlule.

Ngokusho kukaMnu Lungisa Khumalo oyiManenja yeSekhethi yaseNtuzuma ngo-2024 bakwazi ukukhiqiza imiphumela engamaphesenti awu-92.

“Ngo-2025 sasizibekele ukuthi ukuzuza u-95% kodwa ngokusebenza ngokuphindiwe kothisha bethu sakwazi ukuthi sigcine sizuza u-96,3% nokuyigxathu elikhulu kakhulu kunezinginamba esibhekane nazo ngonyaka owedlule,” kusho uKhumalo.

Ubalule inkinga yamanzi ezikoleni zaseNtuzuma namaphethelo njengebe yisithiyo kakhulu kubafunsi nakothisha. “Izikole zaseNtuzuma zibhekene nenkinga yokungabi nawo amanzi. Ngikhuluma nawe njengoba kuqale unyaka kunezikole osekuphele cishe amasonto amathathu ngaphandle kwamanzi,” kusho uKhumalo.

Uthe nangonyaka owedlule othisha bafundise ngaphansi kwale nkinga njengoba bekungelula ukuthi bagcine izingane esikoleni amanzi engekho.

“Ngenxa yenhlanzeko asivumelekile ukugcina izingane esikoleni uma amanzi engekho. Ngakho bekuphoqa ukuthi sizidedele singakashayi isikhathi izingane kwesinye isikhathi singakwazi nokuzigcina senze izifundo ezengeziwe ngenxa yale nkinga,” kusho uKhumalo oveze ukuthi njengemanenja yale sekhethe yaseNtuzuma uzazi zonke izinkinga isikole ngasinye esibhekene nayo.

Uthe nohlelo lwabafundi bakamatikuletsheni lwangonyaka owedlule luphazamisekile ngenxa yakho ukushoda nokungabibikho kwamanzi ezikoleni.

“Kuyasithokozisa ukuthi nakuba besibhekene nale nkinga kodwa izikole nothisha bethu bakwazi ukukhiqiza imiphumela emihle futhi esibeka phamnbilini wamanye amasekhethi esincikene nawo futhi sakwazi nokuthi sivele nasohlwini lakuzwelonke lamasekhethe awu-20 ahambe phambili,” kusho uKhumalo obonge inhlangano inhlangano iSesimiphi NPC okuyiyona edlale indima emqoka ukuxhasa lo mcimbi ngokuthi ube yimpumelelo.

UMnu Sibusiso Mjwara onguSihlalo wale nhlangano uthe kumqoka ukuthi uma kukhona okuhle okwenzekayo kunconywe yikhona okumenze wasukuma wafaka isandla ngokwenza kahle kwezikole zaseNtuzuma namaphethelo.

Uthe esikhathini esiningi kuvamise ukugqanyiswa kobugebengu kule ndawo bese kuthi okuhle kunyathelwe ngezinyawo.

“Kuhle ukuthi uma kunezinto ezinhle ezenzekayo sizigqamise uma kukhona okumele sikwenze ukuze kugqame sisifake isandla,” kusho uMjwara oveze ukuthi nhlangano yakhe kuningi ekwenzayo ukusiza umphakathi njengoba inohlelo lokuphekela umphakathi ukudla endaweni ebizwa nge-Stop 8.

UMnu Sithembiso Lushozi onguMhloli omkhulu ngaphansi ophethe isiYingi iDurban North West ukuncomile ukusebenza kothisha nokwenza kahle kwezikole ezingaphansi kweSekhethe yaseNtuzuma namaphethelo.

Uthe othisha balezi zikole basebenza ngaphansi kwezimo ezingagculi kwesinye isikhathi kodwa ukuzinikela nokuzikhandla kwabo kubonakalile ngale miphumelo abayikhizile.

Uthe unethemba ukuthi nakulo nyaka bazoqhubeka nokukhiqiza imiphumela emihle ezokwazi ukudlula eyangonyaka owedlule.

Ezisematheni

Ungqongqoshe uvakashele indawo yenhlekelele eBuhleni

Ungqongqoshe uvakashele indawo yenhlekelele eBuhleni

UNGQONGQOSHE wezokuBusa ngokuBambisana nezoMdabu KwaZulu-Natal uMfu Thulasizwe Buthelezi uvakashele ebandleni laseNazaretha eBuhleni eThekwini namhlanje eyobheka isimo njengoba lelibandla lehlelwe umshophi ngesonto eledlule kwabhidlika isakhiwo esilimaze abantu...

Bahlele ingqungquthela yokudodis abafana ezikoleni

Bahlele ingqungquthela yokudodis abafana ezikoleni

UKUZAMA yikulwisana nobugebengu nokuzama ukucija intsha, kwenze izinhlangano ezimbili ezingenzi nzuzo ukuba zihlanganyele nezikole ezahlukene ezakhele ilokishi KwaMashu, ngenhloso yokudodisa abafana. Lezi zinhlangano - iSigungu Sezinsizwa neSiyabadodisa - zihlele...

Isigungu sobukhosi sikhiphe ingonyuluka ngokuphikisa ukuqokwa kwayo

Isigungu sobukhosi sikhiphe ingonyuluka ngokuphikisa ukuqokwa kwayo

Isigungu sezindlu zobukhosini baseMathulini eMgababa esithangamini sabezindaba eThekwini. SEZIVEZE okusha izindlu zobukhosi baseMathulini eMgababa ngombango wobukhosi bakulesi sizwe emuva kokuba uhulumeni wemukele iNkosi uMazwendoda Luthuli ozalwa inkosi ekhothame...