Ilanga News
Home 9 Entertainment 9 Bekugqishe nezaseNkandla zibulalana ngengoma kwaNdaya eMsinga

Bekugqishe nezaseNkandla zibulalana ngengoma kwaNdaya eMsinga

by | 26 December 2024

IDONSE nezinsizwa zakwaNgono eNkandla ingoma yaMabomvu, eMsinga. Le ngoma ebibanjelwe esigodini kwaNdaya izolo ngoKhisimuzi, ihlanganise le mihlathi eyakhelene ehlukaniswe wumfula uThukela.

Iningi lomphakathi waseNkandla liyesekile le ngoma njengoba lithi belizimisele ngokubamba iqhaza kuyona.

Kulo Khisimuzi kayibanga khona ingoma yesizwe sakwaNgono eNkandla ngenxa yokukhothama kwenkosi yesizwe, uMnu Phiwokwakhe Ntuli, ebitshalwa ngempelasonto edlule.

Izigodi zaseMsinga okubalwa kuzona uLatha, iNhlesi, uNdaya, iNhlonga nezinye eziningi, bezibulalana ngoshameni. Izintombi zendawo, nomakoti abasebasha bebevunule beconsa.
mthobisis@ilanganews.co.za

Ezisematheni

Kulindeleke ukuthi i-ANC isayine esokusebenzisana ne-MKP komasipala

Kulindeleke ukuthi i-ANC isayine esokusebenzisana ne-MKP komasipala

YIZE kunencwadi eputshukile okuthiwa ibhalwe yi-ANC kwaZulu-Natal inxenxa ukusebenzisana ne-IFP komasipala abalengayo kodwa le nhlangano iqinisekisa ukuthi izosayina isivumelwano sokusebenzisana neMKP namanye amaqembu. Okhulumela i-ANC, uNkk Mahlengi Bhengu-Motsiri...

Kuzocutshungulwa isicelo sebheyili ‘yowabulala’ oweMKP

Kuzocutshungulwa isicelo sebheyili ‘yowabulala’ oweMKP

UTHWESWE amacala amane owesilisa osolwa ngokubulala umdidiyeli woMkhonto weSizwe Party (MKP) esiFundeni Ugu, uMnu Thobelani “Lastborn” Shazi, odutshulwe esemhlanganweni obusingethwe ngezobuchwepheshe, mhla ka-2 kuNovember, eMzumbe. UMnu Lungani Lushaba (44)...