Ilanga News
Home 9 Ezikaqedisizungu 9 Ludide abaningi olokamaskandi okhiphe i-albhamu ‘eboshiwe’

Ludide abaningi olokamaskandi okhiphe i-albhamu ‘eboshiwe’

by | 29 November 2025

UJABULISE abalandeli bakhe phezu kokuba ebhekene nezinkinga umculi kamaskandi osaboshiwe, ngenxa yezinsolo zamacala abucayi.

UBukelani “Dlubheke” Khuzwayo waKwaNgqulu, eQhudeni, eNquthu, uzokhipha i-albhamu entsha esihloko sithi, “‘”Amavaka” ngoLwesihlanu. Lokhu kuvezwe ngumfowabo uFalabo Khuzwayo, naye ongomunye wabaculi bakamaskandi.

UFalabo uthe kwenzeke lesi sigameko sokuvalelwa kwakhe uDlubheke, seziqoshiwe izingoma. Uveze ukuthi kuzophuma eziwu-6, i-Extended Play (EP).

“Okuningi bese kuphothuliwe, kwaba yizinto ezincane obekufanele ngizipheshe,” kusho uFalabo.

Uthi bazobhema bakholwe abathandi bomculo kaDlubheke, ngoba nezingoma zehawu (zobunsizwa) zibuye ngamandla kulo nyaka. Uthe bangamangali abantu uma bebona kusetshenziswe izithombe ezindala kule albhamu, kungenxa yokuthi umfowabo wehlelwe yizinkinga, okuningi kungakenzeki mayelana nezinto eziphathelene nomsebenzi.

“Sicela ningamangali uma nibona enake nakubona mayelana nezithombe. Inhloso enkulu wukuthi kufinyelele umsebenzi kubantu ngoLwesihlanu ntambama,” kusho uFalabo.

UDlubheke ogcine ukukhipha i-albhamu ngo-2021, ubesebeke phansi amatomu ngoba ekhala ngokuthi kalikho iqiniso emculweni, kuyacindezelwana.

Phakathi kwezinto abekhala ngazo, wukuthi kunabantu abaculayo abanyundanayo kubahleli bemicimbi, bese evaleleka. Ezinyangeni ezedlule ngesikhathi emenywe kwiPodcast ebizwa ngeClean Governance, abalandeli bakhe bakhalile kuyena ngokunyalala kwakhe, bacela ukuba abuye emculweni nakuba wayesenqumile, wathi uyaphuma kwezomculo.

Kuthe ngesikhathi elungiselela ukuqeda lo msebenzi, waboshwa. Bekulindeleke ukuba abuyele enkantolo
ngoLwesine eyofaka isicelo sebheyili.

Uboshwa nje, wazihambisa yena emaphoyiseni, ngoba esolwa. Angaphezulu kwayisihlanu amacala abhekene nawo okubalwa kuwona awokubulala, nokuzama ukubulala. La macala enzeke eGoli naKwaZulu-Natal.

Ezisematheni

Owokufika ufuna u-R155 000 ekhehleni elimxosha endaweni yalo

Owokufika ufuna u-R155 000 ekhehleni elimxosha endaweni yalo

LIBHEKENE nengwadla ikhehla (73), laseGamalakhe, ePort Shepstone, eliphila nokukhubazeka, eligolozelwa ngowokufika okuthiwa uqashe isitolo salo. UMnu Jimmy Mnguni (73), uthi usezame wahluleka ukukhipha lona wokufika oqashe esitolo sakhe. Uthi umtshela emehlweni ukuthi...

Limshonele owathumba wadlwengula umakhelwane okhubazekile

Limshonele owathumba wadlwengula umakhelwane okhubazekile

INkantolo yesiFunda ePinetown igwebe udilikajele owesilisa olahlwe ngamacala okuthumba nokudlwengula owesifazane esigamekweni esenzeka ngoSeptember 2024. Isisulu kubikwa ukuthi siphila nokukhubazeka ngokwengqondo nangokomzimba, futhi siyazana nalona wesilisa....

Kuxwayiswa umphakathi ngabaqola abantu ngemisebenzi yasemaphoyiseni

Kuxwayiswa umphakathi ngabaqola abantu ngemisebenzi yasemaphoyiseni

AMAPHOYISA ase-Eastern Cape asekhiphe isixwayiso emphakathini ngezigebengu eziqola abantu ngokubathembisa umsebenzi embuthweni wamaphoyisa. Ngokwesitatimende samaphoyisa akulesiya sifundazwe, lezi zigilamkhuba eziqola abantu abasuke bebheka imsebenzi, bese zizenza...