Ilanga News
Home 9 Ezikaqedisizungu 9 Usaziwayo ubonge owayengumyeni wakhe

Usaziwayo ubonge owayengumyeni wakhe

by | 27 December 2024

UMELANIE Bala ubonge lowo ayeshade naye uZwai Bala, ngokuphumelela kohambo lwendodana yabo ebeyiye entabeni iyokwenza usiko lokusoka. Usho lokhu ngemuva kokuba indodana yakhe uSean, enzelwe umgidi wokumamukela ekhaya ngemuva kokwenza lolusiko.

Emgidini kaSean kubonakale nosaziwayo abahlukene kuhlanganisa no-Unathi Nkayi nabanye. UMelanie uthe ubonga uZwai ngokumenza aqonde ukubaluleka kwalolu siko kanjalo nokuphendula kwakhe imibizo eminingi abenayo.


“Ngiyabonga ngokubuyisa inhliziyo yami kimi iphephile,” kusho uMelanie ngendodana yakhe. Uphinde wathatha amehlo abaningi ezinkundleni zokuxhumana ngendlela abevunule ngayo ngombhaco.
nonhlakaniphos@ilanganews.co.za

Ezisematheni

Amabandla ezenkolo athi azosiza ngokhetho

Amabandla ezenkolo athi azosiza ngokhetho

INHLANGANO yamaBandla ezenkolo, iKwaZulu-Natal Christian Council (KCC), ithi izotshala izingqapheli ezingu 440, ukuqapha ukhetho esifundazweni. Esikhathini esingaphansi kwenyanga, kuzoba kuvotwa kulelizwe ngoba ukhetho loHulumeni baseKhaya, lungomhlaka 4 kuLwezi...

Kuphenywa ngokufa kwesalukazi (72) okutholwe isidumbu saso sonakele

Kuphenywa ngokufa kwesalukazi (72) okutholwe isidumbu saso sonakele

KUPHENYWA icala lokushona kwesalukazi esineminyaka engu-72, okutholwe isidumbu saso sesonakele emzini waso, eLovu ngaseManzimtoti. Umufi uNkz Gloria Mashila kusolakala ukuthi bese kuphele izinyanga ezimbili eshonile. Indodana yakhe uMnu Jomo Mashila (44) okusolakala...

Kudutshulwe omunye wabaholi be-ANC eKZN

Kudutshulwe omunye wabaholi be-ANC eKZN

AMAPHOYISA aKwaZulu-Natal aphenya ngesigameko sokudutshulwa komholi we-African National Congress (ANC), maphakathi neKwaZulu-Natal. UMnu Samora Ndlovu (43), owake waba yiMeya yaseRichmond, waba futhi nguNobhala we-ANC eMoses Mabhida Region (eMgungundlovu), udutshulwe...