
UTHWESWE amacala amane owesilisa osolwa ngokubulala umdidiyeli woMkhonto weSizwe Party (MKP) esiFundeni Ugu, uMnu Thobelani “Lastborn” Shazi, odutshulwe esemhlanganweni obusingethwe ngezobuchwepheshe, mhla ka-2 kuNovember, eMzumbe.
UMnu Lungani Lushaba (44) (osesithombeni), obevele eNkantolo yeMantshi yasePort Shepstone ngoLwesine, uthweswe amacala amabili okuzama ukubulala, namabili okubulala. Kulawa macala; ngelokucija itulo lokubulala uShazi, elokumbulala, eletulo lokubulala uMnu Thobani Sydney Gasa – okuthiwa ubehamba naye ngesikhathi eyobulala uShazi – naye agcine ephumelele ukumdubula ambulale.
Isidumbu sikaGasa – okuvele ukuthi kukhona aphambane ngakho noLushaba, wabe esembulala – kuthiwa sitholakale silahlwe eBhobhoyi, ePort Shepstone mhla ka-6 kuNovember. ULushaba uzamile ukufaka isicelo sebheyili, kodwa umshushisi uZokwakha Nzama, wasichitha, ekhala ngokuthi kabakulungele ukuthi kudingidwe udaba lwebheyili, ngenxa yokuthi kunophenyo olusaqhubeka.
Ummeli wakhe, uNkz Lungile Duma, uthe yena ubekulungele ukuba kudingidwe udaba lwebheyili. Uveze ukuthi kawekho amanye amacala ahanjwa yikilayenti lakhe, ngaphandle kokuthi lake lahlawuliswa u-R700, lilahlwe yicala lenkohlakalo ngo-2015.
Icala lihlehlele umhla ka-25 kuNovember, lapho kulindeleke ukuba uLushaba afake isicelo sebheyili. Enkantolo bekugcwele amalungu eMKP abeyokweseka umndeni kaShazi. UMnu Mbongeni Shazi, ongumfowabo omncane kamufi, uthe bajabule ngokubanjwa komuntu osolwa ngokubulala umfowabo. Uthe babonga umsebenzi owenziwe ngamaphoyisa, kodwa bakholwa wukuthi akayedwa kuleli cala, bayojabula uma sekuboshwe nabanye. Uthe bayafisa ukwazi isizathu sokubulawa komfowabo, ngoba bebemazi engenanxa namuntu.
Okhulumela iMKP KwaZulu-Natal, uMnu Mkhuseli Mlengane, uthe bacela amaphoyisa ukuba aqinise uphenyo ngoba bakholwa wukuthi baningi abathintekayo kuleli cala. Uqhube wathi ummangalelwa kabamazi, futhi ngeke bakuqinisekise ukuthi uyilungu leMKP noma akalona.







