
BAZOKUBE bekhona bonke oMasipala baKwaZulu-Natal kumaSalga Games alo nyaka aqale namuhla ngoLwesine kuze kube yiSonto eMgungundlovu. Le midlalo eqale ibizwa ngamaKwanaloga Games ikhula ngesikhulu isivinini kanti ixhaswe uMnyango wezemiDlalo wesifundazwe oholwa nguMntomuhle Khawula.
Kuzokhumbuleka ukuthi phambilini abanye bomasipala bebengabi yingxenye yale midlalo, bekhala ngezinkinga zemali. Ngesikhathi yethulwa ngenyanga edlule, kwathiwa bazokube bekhona bowu-11 omasipala besifundazwe. Ivulwe ngokusemthethweni namuhla eMsunduzi Athletics Stadium lapho kuzokube kubanjelwe khona ezokugijima.
UKhawula, ekhuluma nabezindaba ngesikhathi kuvulwa le midlalo, uthe: “Ngijabule kakhulu ukuthi le midlalo isaqhubeka. Siyiqale isikhathi sisibi KwaZulu-Natal, kunezindawo abanye abantu abebengakwazi ukungena kuzona. Ngangiyingxenye yayo isungulwa.
“Ngiyakhumbula eyokuqala yayibanjelwe oLundi, isabizwa ngokuthi ngamaSalga Games. Inhloso yawo kwabe kuwukuhlanganisa abantu baKwaZulu-Natal. Manje isikhule kakhulu, sesivundulule abadlali abaningi abenza kahle emidlalweni eyahlukene. Omunye wabo nguMbekezeli ‘TLB’ Mbokazi ongomunye wabadlali abadumile, osanda kujoyina ikilabhu yase-United States of America. Bakhona noSiyabonga Sangweni, oThabo Cele, oRonnel Donnelly nabanye abaningi.”
Uphethe ngokunxenxa intsha ezokube ibambe iqhaza kulo mqhudelwano ukuba izimisele ngoba kuzokube kukhona abazokube beyohlwaya amakhono. Kulo mqhudelwano kuzokube kugaduliswana emidlalweni ewu-16 kanti kubhekwe iTheku ukuba liqhubeke nokuzenzela umathanda.







