INTATHELI YELANGA
KUVELA ezithi ubehehe iso lekilabhu yaseMorocco umdlali wodumo kwiKaizer Chiefs, ngaphambi kokungeniswa esikhungweni sokuhlunyeleliswa izimilo, iHope of Achievers Rehabilitation Centre, eLimpopo, ngenxa yensangu.
Ngokubika kweSoccerLaduma, uKgaogelo Segota – ogqame kwiMoroka Swallows eyayisanda kuvuka ekufeni njengoba isibuyele kwabafileyo – kuthiwa unabanye abadlali bebhola ababili kulesi sikhungo, okukhona kubo uLerato Chabangu wodumo kwiMamelodi Sundowns – osewathatha umhlalaphansi enkundleni – osekubikwe kaningana ukuthi uphuza eqise.
Ngokubika kwaleli phephabhuku lezemidlalo, isikhulu esiphezulu salesi sikhungo, uWatson Luandi, sithi bamukele uSekgota emuva kokucelwa wumndeni wakhe.

esikhungweni sokuhlunyeleliswa izimilo. ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPIX
“Mangiqale ngokubonga iNKRL Foundation okuyiyona ehlonza abadlali abasuke bedinga usizo. Umsebenzi wethu-ke wukuthi sibasize ukubuyisa isithunzi sabo, enkundleni nangaphandle. Ngiselapho nje, mangikucacise ukuthi uKgaogelo ubengasebenzisi lezi zidakamizwa ezinzima, ubhema insangu, okulula ukumsiza umuntu oyisebenzisayo,” kusho uLuandi.
Uqhuba ngokuthi umsebenzi wakhe wukusiza abadlali ukuba bavuke bazithathe “kukubona-ke ukuthi bayaqhubeka yini nebhola uma sebeqede isikhathi sabo esikhungweni”.
Uthe uSekgota – nalaba abanye abadlali – bakhombisa ukuzimisela ngokunqoba “idimoni” ababhekene nalo, futhi bangase babuyele emiphakathini yabo maduze nje. Uveze ukuthi umndeni kaSekgota umtshele ukuthi ungeniswa kulesi sikhungo nje, ubefunwa yikilabhu yaseMorocco.
Njengamanje lo mdlalo usemabhukwini e-Upington City egijima kwiMotsepe Foundation Championship (MFC).
Ngokusho kweSoccerLaduma, ngokwemithetho yesikhungo, akuvumelekile ukukhuluma ngqo “nesiguli” ngezinkinga zaso – okwenza kube nzima ukuthola uvo lukaSekgota.







