Ilanga News
Home 9 Ezemidlalo 9 OweBay FC usonga ngokuphula izinhliziyo zabePirates

OweBay FC usonga ngokuphula izinhliziyo zabePirates

by | 5 November 2024

SENZO SOKHELA

USONGA ngokushiya kukhalwa e-Orlando Stadium ukaputeni weRichards Bay FC, uSimphiwe Mcineka (osesithombeni) njengoba bezobhekana ne-Orlando Pirates koweBetway Premiership namuhla ngoLwesibili ngo-19h30 kule nkundla. 

IBay iya kulo mdlalo ihambela phezulu njengoba yedlulele kwi-semi final yeCarling Knockout yehlula ngo-5-4 wamaphenathi iCape Town City ngoMgqibelo ntambama eKing Zwelithini Stadium, eMlazi. Umdlalo ubuphele zibambene ngo-0-0.

UMcineka uthi bafuna ukwephula izinhliziyo zabalandeli beBucs enkundleni yabo. 

IPirates ivutha ingabaselwe njengoba isayinqobe yonke (6) imidlalo yeligi esiyigijimile kule sizini. Isesicongweni ngamaphuzu awu-18.

“Ukunqoba kwethu iCape Town City kubuyise ukuzethemba. Lapho esiya khona (e-Orlando) siyolwa, ngeke sivume ukuthi
iPirates ithathe amaphuzu kithina. Siyazi ukuthi siya eSigodini – abathi kakuphunywa kusona – kodwa thina sizoya ngokuyihlonipha iPirates bese siyephula izinhliziyo ngokubuya nawo womathathu amaphuzu,” esho.

*Imidlalo yeBetway Premiership ephakathi nesonto iqhathwe kanje:

KUSASA NGOLWESIBILI

E-Orlando Stadium: Orlando Pirates vs Richards Bay 19h30.

NGOLWESITHATHU

E-Athlone Stadium: Stellenbosch vs TS Galaxy 19h30.

ELoftus Stadium: Mamelodi Sundowns vs Polokwane City 19h30.

Ezisematheni

I-IFP nezethembiso ezinhlanu kubavoti

I-IFP nezethembiso ezinhlanu kubavoti

INKATHA Freedom Party (IFP) inxuse abavoti ukuba bayethembe njengoba kuza ukhetho lohulumeni basekhaya oluzoba ngomhla ka-4 kuLwezi nonyaka. Ethula inkulumo emcimbini wokwethulwa komhlahlandlela wokhetho, uMengameli we-IFP, uMnu Velenkosini Hlabisa uthe zinhlanu...

‘Ubulawe wugesi’ evakashelwe yintombi

‘Ubulawe wugesi’ evakashelwe yintombi

ASABAMBE ongenzansi amalungu omphakathi wakwa-V, ezakhiweni eZimeleni, eMlazi, ngowesilisa okuthiwa ushokhwe wugesi washona belungiselela ukuyolala nentombi entsha, ethi ifike endlini yakhe izomqoma. Umndeni kamufi uMnu Philani Mkhungo (36), uthi usele nemibuzo...

Umlingisi ufisa abaphila nokhubazeka baqashwe ezinkampanini

Umlingisi ufisa abaphila nokhubazeka baqashwe ezinkampanini

UMLINGISI wakumabonakude uMenzi Nxumalo uthi kuningi okusadingeka ukuba kwenzelwe abantu abaphila nokukhubazeka ukuze nabo bazibone beyingxenye yomphakathi. Enhlangnweni ayisungulile engenzinzuzo iNokusa Support for Disabled People uthi ibhekela izidingo iphinde futhi...