
IQEMBU i-Action SA selidlulise amazwi enduduzo emva kokushona kwenkansela leMKP, uMnu Mandla Biyela wakwa-Ward 110 ngaphansi kukaMasipala weTheku.
USihlalo we-Action SA kwaZulu-Natal, uMnu Zwakele Mncwango uthe yize bebehlukene ngokwamaqembu epolitiki noBiyela kodwa ubekwazi ukusebenzisana nabanye abantu.
“Ngesikhathi eqala ukuba yikhansela uBiyela weza kimina wasebenzisana nami yize ngikwi-Action SA. Afike wakucela kumina ukuthi ngimcathulise ngokusebenza komkhandlu ukuze aqonde ukuthi izinto zihanjiswa kanjani kumasipala. Noma kunezingxoxo zomkhandlu ubesebenzisana kahle nathi enza isiqiniseko ukuthi sinikwa isikhathi esanele ukwenza izethulo zethu ngokuthi ahlephule esikhathini sakhe sikhulume kusona. Lokhu bekumveza ngokusobala ukuthi ungumuntu obezimisele ngokusebenzela abantu ngaphandle kokugijimisa ipolitiki phambili,” esho.
UBiyela kuthiwa ushone ngokugula. Kuthiwa ubeyikhansela elizithobile futhi elizimisele ngokusebenzela umphakathi. UMncwango udlulise amazwi enduduzo nasemndeni wakhe nakozwakabo kwiMKP nomphakathi olahlekelwe yikhansela ebelinobuntu.







