KUCHWAZE ISIKHUMULO SEZINDIZA KUVULWA UMFUZISELO WELEMBE

145

YIWONA-KE umfuziselo weLembe lona, eKing Shaka International Airport, eThekwini, obuwembulwa ngolwesine. Abamile phansi kwawo, uMengameli Cyril Ramaphosa, yiSilo uMisuzulu noNdunankulu waKwaZulu-Natal, uMnu uThami Ntuli. ISITHOMBE NGU-JOHN HLONGWA.

Menzi Jele

KUNDIZE amajuba, kwakikizwa, kwaduma amakhwela, esikhumulweni sezindiza iKing Shaka International Airport, enyakatho yeTheku, ngesikhathi kwembulwa umfuziselo weSilo uShaka, ngoLwesine ekuseni.

Bekuphume nesinedolo, izicukuthwane ezivela emikhakheni eyahlukene, amabutho kaZulu nabaseSwazini, abebevunule beconsa, bagajwe yinjabulo, kubonakala ukuthi yilanga leli obekukade balilindela. Bekukhona nezinye izinhlanga, zizobona isimanga njengoba lo mfuziselo kuthiwa usezingeni lomhlaba, ngedlela owakhiwe ngayo. 

Lo mfuziselo odle u-R4,5 million wembulwe yiSilo uMisuzulu kaZwelithini, uMengameli wezwe, uMnu uCyril Ramaphosa, uNdunankulu waKwaZulu-Natal, uMnu Thami Ntuli, uNdunankulu kaZulu, uMfundisi uThulasizwe Buthelezi, noMntwana waseNdlunkulu, eNdlini yakwaMandlakazi, uMntwana uZeblon Bhekiziwe kaNqama Zulu.

Inyosi yaseNdlunkulu kaZulu, uMnu Buzetsheni kaSombila Mdletshe, ithe ukuguqubala kwezulu ngosuku lwalo mcimbi bekubonisa injabulo ekhona kulona iLembe namakhosi amanye aKwaZulu asalala kobandayo.

“ISilo uMdlokombane, siyanyakaza lapho sikhona. Kwake kwaba nomunye umfuziselo weLembe, owakhiwa lapha eminyakeni engaphabili (ngo-2010), kodwa iSilo kasikaze sijabule ngawo. Sayalela ukuthi umsebenzi wokwakha umfuziselo uqalwe phansi. Ngabe kade wethulwa lo mfuziselo kodwa ngenxa yokhuvethe (Covid-19), kube nokubambezeleka,” kuchaza iNyosi uMdletshe.

Lo mfuziselo wakhiwe nguMnu uPeter Hall, wagxunyekwa yinkampani eyahlonzwa nguye. Nguye uHall owenza umfiziselo weSilo uDinuzulu, ogxunyekwe eMakethe, eThekwini, eceleni komfuziselo kaGeneral uLouis Botha.

menzi.jele@ilanganews.co.za    

Previous articleKuchwaze imelika kwatatazela umhlaba kunqoba uTrump
Next articleAmalungu eSadtu ethule izikhalo kuRamaphosa