
IZITHOMBE nguPhumlani Gama
KUPHAKANYISWE eyokuba kuqiniswe ezokuphepha emingceleni yakuleli ukuze kuzogwemeka ukwanda kwesibalo sabantu bakwamanye amazwe abangena kuleli ngokungemthetho.
Abaholi bezinhlangano ezahlukene zezombusazwe okubalwa kuzona i-Action SA, ATM kanye nePA namuhla ngoMsombuluko bebehola imashi yamalungu omphakathi abe evela ezingxenyeni ezahlukene zesiFundaze iKwaZulu-Natal. Le mashi ibe yeseke ngabantu bemikhakha eyehlukene okubalwa kubona nomsakazi weVuma FM uJacinta Ngobese, uMnu Nkosikhonab ‘Phakel’mthakathi’ Ndabandaba nabanye.
Amalungu omphakathi abephethe izingqwembe ezinemibhalo eyahlukene ehambisana nokungafunwa kwabantu bokufika abangenazo izimvume zokuba kuleli. Phakathi kwezinye zezikhalo zomphakathi kube yinkinga yokwanda kwabantu bokufika ezindaqweni zokusebenza.
Kuvele neyokwanda kwabo ezikhungweni zezempilo zakuleli. Kuthiwa abanye babo bathatha imishanguzo, bayihambisele izihlobo zabo ezisemazweni abadabuka kuwona.
UJacinta utshele umphakathi ukuthi kuneminyango kahulumeni abayibhalele ukuba isondele, izokwamukela izikhalo zabo kodwa lutho izimpendulo. “UMnyango wezaseKhaya siwubhalele awukaze usiphendule. UMasipala weTheku wenze okufanayo. Ihhovisi likaNdunankulu wesifundazwe lisiphendulile,” esho.

UNdabandaba uthe kuseyisiqalo lesi. “Umzali oqotho uqala ngokunakekela izingane zakhe ekhaya ngaphambi kokubhekelela abangaphandle. Kubuhlungu lokhu esikwenziwa wuhulumeni wakuleli. Ngisuke kwaNongoma ngoba ngifuna ukwakha ikusasa lezingane zami nezabanye. Siyizinsizwa kusiphatha akabi ukubona izwe lihamba, lithathwa ngabantu bokufika,” kusho uNdabandaba.
Uhlu lwezikhalo lwemukelwe nguMnu Sabelo Gwala ongumeluleki kahulumeni waKwaZulu-Natal.
“Izolo ngeSonto undunankulu wesiFundazwe (uMnu Thami Ntuli) ube esemcimbini wokubungaza iminyaka ewu-50 kwasungulwa i-IFP. Namuhla uvuke ekuseni wayokwamukela uMnu Paul Mashatile oyisekela likamongameli wezwe. Ungiphathise umyalelo wokuba ngifike ngimbongele kubahleli bale mashi.
“Uthe naye uyahambisana nokuba khona kwayo ngoba vele kuyakhathaza ukuba khona kwabantu bakwamanye amazwe abakuleli ngokungemthetho. Abaningi bangofakazi bokuthi uNtuli usebenza kakhulu noKhomishana wamaPhoyisa eKZN uLt-Gen Nhlanhla Mkhwanazi ekhuculula ubugebengu obudalwa yibo abokufika. Mina ngeke ngihlunge lutho, ngizolwedlulisa lunjengoba lunjalo uhlu lwezikhalo zamalungu omphakathi,” kusho uGwala.
