Ilanga News
Home 9 Entertainment 9 Ingqwele kamaskandi ihlaselwa indodana yayo, iyisola ngomona

Ingqwele kamaskandi ihlaselwa indodana yayo, iyisola ngomona

by | 17 April 2025

IKHWELE yadilika ezinkundleni zokuxhumana indodana yengqalabutho kamaskandi, imsola ngokuba nomona nenhliziyo embi okuyidalele ubunzima endimeni yezomculo.

USanda Magubane uyindodana kaMfiliseni Magubane, uhlasele uyise ethi ukuba akanawo umona, ngabe usekude kakhulu kwezomculo.

Uveze lokhu ekhasini lakhe likaFacebook ngesikhathi ebongela omunye wabaculi abasebasha emculweni, uNjabulo Langa ngokusekwa kwakhe uThokozani “Somnandi” Langa.

UNjabulo uzalwa umfowabo kaSomnandi. USomnandi ukhombise ukumeseka emcimbini weMother of All emasontweni adlule eThekwini ngesikhathi engena naye esiteji ekubeni ubengaqashiwe uNjabulo, wacula naye ingoma yakhe ethi “Ngishile Nje” esikhathini sikaSomnandi. Indodana kaMfiliseni ithe uSomnandi ungubaba owesekanayo nokuqonda kahle ukuthi umculo yibhizinisi.

“Ngiyafisa engabe nowami ubaba akadliwanga umona nenhliziyo embi, ngabe ngikude ngomculo. Abantu abalwazi usizi lomlilo osemhlabe wami kulo mculo. Umculo wazikhethela mina kwabakwethu, angikaze ngifise ukuba ngumculi” kusho uSanda.

Utshele leli phephandaba ukuthi uveze lezi zinkulumo ngenxa yokuthi ubona abanye abazali benza izinto ezinhle nezingane zabo. Uthi uyafisa ukuwuyeka umculo futhi usezame kaningi ukuphuma kuwona.

“Ubunzima engibhekene nabo abufani nobubhekene nabanye abazalwa abaculi,” esho. Uthi uthando lokushaya isiginci seluyaphela kuyena ngenxa yokungatholi ukwesekwa.

“Okuningi kuthinta umndeni, angifuni ukuphawula ngakho emphakathini. Baningi abantu bezama ukungisiza kodwa bevimbeka,” kusho uSanda.

ILANGA lishayele uMfiliseni Magubane ngemuva kokuxoxa nendodana yakhe okhuze umhlola wathi uphelelwa amazwi okuphawula ngalolu daba.

Uthi zonke izingane zakhe akaze axabane nazo kodwa lokho okukhulunywa yilena (uSanda) kuyamethusa.

“Asikaze sihlale naye phansi, acele usizo kumina. Ngimfundisile isikole kusukela phansi waze waya enyuvesi eDUT, akukho engingamsekanga ngakho, ngimkhulisa lana ekhaya waze wayosebenza. Kwezomculo ngimfakile ngaphansi kweqembu Izinsimbi esasilisungule noMgqumeni, ngafaka yena, uCevuzile noNcwephelezi sacula ngokubambisana. Sekumele ngimugone yini?,” kusho uMfiliseni.

Uthi kubuhlungu kuyena uma ingane yakhe imema udumo lwayo kwezomculo ngokuhlasela yena eyizala.

Ezisematheni

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...

Inanda isazihola kwawokudlwengula neCator Manor kwawokubulala

Inanda isazihola kwawokudlwengula neCator Manor kwawokubulala

UKHOMISHANA wamaPhoyisa obambile kwaZulu-Natal, uMajor General Phumelele Makhoba udalule ukuthi zehlile izibalo zokubulawa kwabantu esifundazweni, kodwa kunyuke ezamacala okushayana  kwabo. Uthe yize izibalo zokubulawa kwabantu zehlile kodwa basakhathazwa...