Ilanga News
Home 9 Entertainment 9 Idili lomculo koweChiefs nelaseGhana eThekwini

Idili lomculo koweChiefs nelaseGhana eThekwini

by | 1 July 2025

SEKUFAKWE nedili lomcimbi womculo kumqhudelwano iToyota Cup olindelwe ngabomvu lapho kuzodlala khona iKaizer Chiefs ne-Asante Kototo yaseGhana eMoses Mabhida Stadium eThekwini ngoJuly 26.

IToyota Cup imqoka kuwona womabili la maqembu njengoba bezoyisebenzisa ukuhlola ukuthi sebeyilungele kangakanani isizini entsha.

IMeya yeTheku uCyril Xaba idalule ukuthi babone kuwumqondo ophusile ukufaka ikhonsathi yomculo kwazise ubumnandi bebhola buyashebeka nomculo. Uthe ukulethwa kwalo mqhudelwano eThekwini kuyizinkomba zokuthi ngempela leli dolobha lihamba lodwa ekuphatheni kahle izivakashi.

Yize engakamenyezelwa wonke amaciko azonandisa kodwa sekuvele amagama ezingqungqulu ezinjengo DJ Tita, Big Zulu, Mawhoo nabanye abaningi baseGoli naseThekwini.

Kumenyezelwe nokuthi ngaphambi kwalo mdlalo kuzobukwa izingwazi ezindala zeChiefs zigadulisana nezinkakha zakulesi sifundazwe ezizobizwa ngeZulu Kingdom Legends.

Abalandeli beChiefs sebemagange ukubuka izinduku zabo ezintsha njengoba umqeqeshi wayo uNasredine Nabi engenile emakethe wayotheza okungenani abadlali abangaphezulu kwabathathu.

IChiefs inengcindezi yokuqhubeka nomgqigqo eqede ngawo isizini edlule njengoba ishaye izimbangi ezinkulu i-Orlando Pirates ngo 2-1 yaphakamisa indebe yeNedbank Cup kuyo iMoses Mabhida Stadium.

Ngokunqoba le ndebe iChiefs iqede ishobolo lamasizini ayishumi ingaphakamisi ndebe, obekuyinto ebisiyenze inhlekisa ezimbangini zayo ezinjengePirates neMamelodi Sundowns, ebebevamise ukuqeda isizini kukhona abakunqobile.

Ezisematheni

Amaqembu eGNU abone inhlansi yethemba kwisabelomali sikaGodongwana

Amaqembu eGNU abone inhlansi yethemba kwisabelomali sikaGodongwana

ABONE inhlansi yethemba amaqembu abumbe uhulumeni wenhlanganisela eNingizimu Afrika (GNU), kwathi aphikisayo azwakalisa ukukhathazeka ngesabelomali saphakathi nonyaka esibuyekeziwe, esethulwe nguNgqongqoshe wezeMali uMnu Enoch Godongwana izolo ngoLwesithathu...

I-SABC 1 izohlonipha uBrenda Fassie nge-documentary

I-SABC 1 izohlonipha uBrenda Fassie nge-documentary

ISITESHI sikamabonakude iSABC 1, sizohlonipha siphinde sikhumbule inkakha yezomculo engasekho uBrenda Fassie, ngokukhombisa i-documentary eneziqephu ezine, ngempilo yale ntandokazi yomculi, kusuka ngoMgqibelo ngo-20h00. Ngokusho kweSABC 1, le documentary esihloko...