Ilanga News
Home 9 Entertainment 9 Idili lomculo koweChiefs nelaseGhana eThekwini

Idili lomculo koweChiefs nelaseGhana eThekwini

by | 1 July 2025

SEKUFAKWE nedili lomcimbi womculo kumqhudelwano iToyota Cup olindelwe ngabomvu lapho kuzodlala khona iKaizer Chiefs ne-Asante Kototo yaseGhana eMoses Mabhida Stadium eThekwini ngoJuly 26.

IToyota Cup imqoka kuwona womabili la maqembu njengoba bezoyisebenzisa ukuhlola ukuthi sebeyilungele kangakanani isizini entsha.

IMeya yeTheku uCyril Xaba idalule ukuthi babone kuwumqondo ophusile ukufaka ikhonsathi yomculo kwazise ubumnandi bebhola buyashebeka nomculo. Uthe ukulethwa kwalo mqhudelwano eThekwini kuyizinkomba zokuthi ngempela leli dolobha lihamba lodwa ekuphatheni kahle izivakashi.

Yize engakamenyezelwa wonke amaciko azonandisa kodwa sekuvele amagama ezingqungqulu ezinjengo DJ Tita, Big Zulu, Mawhoo nabanye abaningi baseGoli naseThekwini.

Kumenyezelwe nokuthi ngaphambi kwalo mdlalo kuzobukwa izingwazi ezindala zeChiefs zigadulisana nezinkakha zakulesi sifundazwe ezizobizwa ngeZulu Kingdom Legends.

Abalandeli beChiefs sebemagange ukubuka izinduku zabo ezintsha njengoba umqeqeshi wayo uNasredine Nabi engenile emakethe wayotheza okungenani abadlali abangaphezulu kwabathathu.

IChiefs inengcindezi yokuqhubeka nomgqigqo eqede ngawo isizini edlule njengoba ishaye izimbangi ezinkulu i-Orlando Pirates ngo 2-1 yaphakamisa indebe yeNedbank Cup kuyo iMoses Mabhida Stadium.

Ngokunqoba le ndebe iChiefs iqede ishobolo lamasizini ayishumi ingaphakamisi ndebe, obekuyinto ebisiyenze inhlekisa ezimbangini zayo ezinjengePirates neMamelodi Sundowns, ebebevamise ukuqeda isizini kukhona abakunqobile.

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...