Ilanga News
Home 9 Entertainment 9 IGagasi FM limise uFelix Hlophe emsakazweni

IGagasi FM limise uFelix Hlophe emsakazweni

by | 29 December 2025

UNIKEZWE ikhefu uFelix Hlophe ongumsakazi weGagasi FM osematheni kulezi nsuku kulandela ukusabalala kwezindaba ezithinta ingxabano nomndeni kamngani kankosikazi wakhe ngobusuku obandulela uKhisimusi.

UHlophe kule video esabalele ezinkundleni zokuxhumana lapho ebonakala ezofuna unkosikazi wakhe uNkk Tracy Smith komunye umuzi nezingane zakhe.

Kule video uzwakala enengekile ngokuvakasha kukaTracy nezingane zakhe kulo muzi njengoba ekhombisa ukungawuhloniphi ngenxa yokuthi ngokusho kwakhe ayikho indoda kuwona.

Esitatimendeni esikhishwe iGagasi FM siveze ukuthi lo msakazo usuthathe isinqumo sokunikeza lo msakazi ikhefu kuze kushaye umhla ka-19 engazwakali emoyeni.

UHlophe ushayela uhlelo lwasekuseni kulo msakazo olubizwa ngokuthi The Uprising noMinnie Ntuli isikhala sakhe sizovalwa nguHeazy.

UHlophe ngeke azwakale futhi nasohlelweni olubhekwe ngabomvu lokuhlukanisa unyaka abezolushayela nenkakha yomsakazi uLinda Mr Magic Sibiya noSelbyonce.

Ngokusho kwalesi sitatimende lolu hlelo seluzoshayelwa nguMr Magic noSelbyonce kuphela.

Kuzokhumbuleka ukuthi kuwona lo nyaka lo msakazo uke wamisa uzakwabo kaHlophe ohlelweni lwasekuseni uMinnie ngenxa yokuhluleka wukuziphatha ohlelweni lukamabonakude iThe Real Housewives of Durban.

Ezisematheni

Umkhuleko ubuyise ithemba ngokhetho kuNdunankulu wase-KZN

Umkhuleko ubuyise ithemba ngokhetho kuNdunankulu wase-KZN

UNDUNANKULU waKwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli uthe ukhiye okhethweni olunokuthula nolukhululekile, kuzoba ukukhula kwezombangazwe nokubekezelelana kumaqembu epolitiki. UNtuli ubekhuluma emkhulekweni, lapho  bekuthandazelwa  ukubulawa kosopolitiki...

Bazibophezele okhethweni olunokuthula KwaDukuza

Bazibophezele okhethweni olunokuthula KwaDukuza

AZIBOPHEZELE ukuqinisekisa ukhetho olungachemile futhi olunokuthula amaqembu azobanga izikhundla zobukhansela kuMasipala waKwaDukuza, okhethweni lohulumeni basekhaya olungoLwesithathu oluzayo lomhla ka-4 kuLwezi (November). Lokhu kwenziwe esigcawini...