Ilanga News
Home 9 Entertainment 9 IGagasi FM limise uFelix Hlophe emsakazweni

IGagasi FM limise uFelix Hlophe emsakazweni

by | 29 December 2025

UNIKEZWE ikhefu uFelix Hlophe ongumsakazi weGagasi FM osematheni kulezi nsuku kulandela ukusabalala kwezindaba ezithinta ingxabano nomndeni kamngani kankosikazi wakhe ngobusuku obandulela uKhisimusi.

UHlophe kule video esabalele ezinkundleni zokuxhumana lapho ebonakala ezofuna unkosikazi wakhe uNkk Tracy Smith komunye umuzi nezingane zakhe.

Kule video uzwakala enengekile ngokuvakasha kukaTracy nezingane zakhe kulo muzi njengoba ekhombisa ukungawuhloniphi ngenxa yokuthi ngokusho kwakhe ayikho indoda kuwona.

Esitatimendeni esikhishwe iGagasi FM siveze ukuthi lo msakazo usuthathe isinqumo sokunikeza lo msakazi ikhefu kuze kushaye umhla ka-19 engazwakali emoyeni.

UHlophe ushayela uhlelo lwasekuseni kulo msakazo olubizwa ngokuthi The Uprising noMinnie Ntuli isikhala sakhe sizovalwa nguHeazy.

UHlophe ngeke azwakale futhi nasohlelweni olubhekwe ngabomvu lokuhlukanisa unyaka abezolushayela nenkakha yomsakazi uLinda Mr Magic Sibiya noSelbyonce.

Ngokusho kwalesi sitatimende lolu hlelo seluzoshayelwa nguMr Magic noSelbyonce kuphela.

Kuzokhumbuleka ukuthi kuwona lo nyaka lo msakazo uke wamisa uzakwabo kaHlophe ohlelweni lwasekuseni uMinnie ngenxa yokuhluleka wukuziphatha ohlelweni lukamabonakude iThe Real Housewives of Durban.

Ezisematheni

Owokufika ufuna u-R155 000 ekhehleni elimxosha endaweni yalo

Owokufika ufuna u-R155 000 ekhehleni elimxosha endaweni yalo

LIBHEKENE nengwadla ikhehla (73), laseGamalakhe, ePort Shepstone, eliphila nokukhubazeka, eligolozelwa ngowokufika okuthiwa uqashe isitolo salo. UMnu Jimmy Mnguni (73), uthi usezame wahluleka ukukhipha lona wokufika oqashe esitolo sakhe. Uthi umtshela emehlweni ukuthi...

Limshonele owathumba wadlwengula umakhelwane okhubazekile

Limshonele owathumba wadlwengula umakhelwane okhubazekile

INkantolo yesiFunda ePinetown igwebe udilikajele owesilisa olahlwe ngamacala okuthumba nokudlwengula owesifazane esigamekweni esenzeka ngoSeptember 2024. Isisulu kubikwa ukuthi siphila nokukhubazeka ngokwengqondo nangokomzimba, futhi siyazana nalona wesilisa....

Kuxwayiswa umphakathi ngabaqola abantu ngemisebenzi yasemaphoyiseni

Kuxwayiswa umphakathi ngabaqola abantu ngemisebenzi yasemaphoyiseni

AMAPHOYISA ase-Eastern Cape asekhiphe isixwayiso emphakathini ngezigebengu eziqola abantu ngokubathembisa umsebenzi embuthweni wamaphoyisa. Ngokwesitatimende samaphoyisa akulesiya sifundazwe, lezi zigilamkhuba eziqola abantu abasuke bebheka imsebenzi, bese zizenza...