Ilanga News
Home 9 Entertainment 9 Abakamaskandi bakhuza indelelo yabalandeli ekhipha izidumbu

Abakamaskandi bakhuza indelelo yabalandeli ekhipha izidumbu

by | 23 August 2025

AHLANGANE akhuza abalandeli abangcolisa amagama abanye abaculi, amaciko amadala kamaskandi, ngenxa yesibhamu esiqeda abalandeli endimeni yomculo okusolwa lezi zimpi zawo umculo.

Lokhu kuvezwe ngu-Ali Mgube, ecacisa ngeqembu labo elisha, abalisungule ngokubambisana noThokozani Langa noShwi Xaba. Leli qembu elibizwa ngokuthi Ama-Legend, lizokhipha i-Extended Play (EP), ngoLwesihlanu mhla ka-22 kwephezulu, isihloko sayo esithi, “Inhlabathi Ephalishini”.

Igxile kulesi sihlava. UMgube uthi ukuphuma kwezidumbu zabalandeli balo mculo ngenxa yabanye babo abathela inhlabathi ephalishini labaculi, kubasukumisile bengamaciko. Uthi lezi zigameko zibucayi kakhulu ngoba zithinta ngqo iphalishi labaculi abaziphilisa ngalo.

Unxusa abalandeli ukuthi uma bengawuthandi umculo womculi othile, bangamemani ukuzondisana lowo mculi.

“Uma ungawuthandi umculo weciko elithile, akuphelele kuwe lokho njengomlandeli ngoba uma usumema abanye ezinkundleni zokuxhumana ukuthi bakuzondise lelo ciko, sekungenye into leyo.

“Mina ngafelwa ngumlandeli wami, uDubula Mbatha, edutshulwa, kwalandela uSqiniseko Mvelase ngesimo esifanayo. Abanye abalandeli bebekhuluma ezinkundleni ngokuthi ukufa kwabo kwenzeke kufanele ngenxa yezenzo zabo, behlasela amanye amaciko, besolwa ngokuncolisa umculo wabo.

“Lokho-ke kuyisifundo sokuthi sisukume, sicule umculo owakhayo novuselela ubuntu ebantwini, kuxwayiswane ngenhlabathi engalahlekisela abalandeli bethu ngempilo yabo,” kusho uMgube.

Uthi le-EP ibophele izingoma eziwu-6. Uthi ukuhlaselwa komculo wamaciko, kuyabacasula abanye abalandeli balelo ciko, bese bezithathela izinqumo zabo ngokwabo, lingazi lutho iciko ngalezo zinqumo.

“Abantu abasithandayo bagcwele izwe lonke, ngeke sikwazi ukufinyelela kubona bonke, sibakhuze. Kwesinye isikhathi umlandeli uzocasulwa wukubona omunye umlandeli engihlasela ezinkundleni zokuxhumana, bese ezithathela isinqumo sokubulala. Umculo yiwona esingadlulisa ngawo umyalezo wokuxwayisa,” esho.

Uthi ukuhlangana kwabo beyizingqwele zikamaskandi, kwenzeke ngenxa yothando lwabantu. Utshele ILANGA ukuthi uma abathandi bomculo bekhombisa ukuwuthakasela lo mculo ozophuma, kuzobe sekubakhuthaza nabo bengamaciko, ukukhipha enye i-albhamu ngonyaka olandelayo.

“Besingakuhlelanga ukwenza lo msebenzi, kodwa kuzifikele khona, nabalandeli bacela,” esho.

Laba baculi bazobe beshiyelana inkundla nabanye kwiMpucuzeko Festival ngomhla ka-30 kule nyanga ePeople’s Park, eMoses Mabhida, eThekwini. Kuboshelwe uGatsheni, uStabhilithi, uMzukulu, uKhuzani, iGcokama Elisha, uMenzi, uMjolisi, uJaiva, iMfezemnyama, uJumbo, Amageza Amahle, iNkosi Yamagcokama, uDumakahle, iThwasa Lekhansela, uSminofu, uMashelela, uMroza, uMfiliseni Magubane, uNtencane, uFalabo, uMdumazi, iMithente, Izingane Zoma, uLimit, uQhosha, uCevuzile, uSaliwa, uMafikizolo, Amavikelambuso, iNyonemhlophe, uNjoko, uMkhulekelwa, uBahubhe, uNdoni, iBhova Elincane, Ama-NND nabanye.

Amathikithi atholakala eComputickets ngo-R150. Lo mcimbi wesekwa yiphephandaba ILANGA, wuMasipala weTheku noMnyango wezobuCiko namaSiko KwaZulu-Natal.

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...