
UNGASE wenyuke ngokushaqisayo uphethiloli ekuqaleni kwenyanga ezayo uma lingabi ngcono izinga lokwenyuka kwentengo kawoyela ezimakethe zomhlaba, okudalwa yimpi eqhubekayo phakathi kwe-Iran neMelika esebenzisana ne-Israel.
Ngokwezinkomba zakamuva zeCentral Energy Fund (CEF), okuyinhlangano ebhekelele intengo kaphethiloli eNingizimu Afrika, uphethiloli ungase wenyuke ngo-R2.41, kuthi ekadizili yenyuke ngo-R4.50. NgoMasingana (January) nangoNhlolanja (February) walo nyaka, intengo kaphethiloli yehle ngo-65 cent elitheni, ngaphambi kokuba yenyuke ngo-20 cent ekuqaleni kwenyanga ephezulu.
Ukwenyuka okukhulu kulindeleke entengweni kapharafini njengoba kubhekwe ukuba kwengezwe u-R6.60 elitheni.
Intengo kawoyela ngeledlule ibisilinganiselwa ku-$85 (R1406) umphongolo, kwazise ibiwu-$61 ekuqaleni konyaka. Lokhu sekwenze abanye abatshalimali bahosha imfe, okushaye amandla emali emazweni amaningi okubalwa kuyona neRandi lakuleli. Irandi belingaphansi kuka-R16 uma liqhathaniswa nedola laseMelika, kodwa kuphele osuku lwangoLwesihlanu seliku-R16.60.Â
Ongoti bathi isimo sentengo kaphethiloli besizokuba sibi kakhulu, senziwe ngcono wukusimama kwezimbiwa, ikakhulu igolide.Â
Kubanjwe amazinyo ukuthi isimo empini eqhubekayo eMiddle East sibe ngcono, njengoba ukuqhubeka kwayo kuzokwenza intengo kawoyela ibhebhetheke kakhulu kunalokhu eyikho njengamanje. I-Iran ngelinye lamazwe angabakhiqizi abakhulu bakawoyela emhlabeni.







